green political parties, amaqembu ezepolitiki agxile kwezemvelo — isiZulu

Lawa ngamaqembu ezepolitiki abeka imvelo njengomgomo oyisisekelo futhi ongumongo wemithethosisekelo yawo kanye nazo zonke izinqubomgomo zawo (bheka i-“greening mainstream politics”). Ngenxa yokukhathazeka okukhulu ngemvelo, abavoti bafuna abameleli bezepolitiki abazoqinisekisa ukuvikelwa kwemvelo yezwe kanye nemvelo yomhlaba wonke. Amazwe amaningi asethuthukile, futhi abuswa ngokwentando yabantu ase-Western Europe (isibonelo, Germany, England, Sweden, Denmark, Norway, Netherlands, Belgium, France kanye ne-Austria), i-United States of America, Canada, Australia, New Zealand, Japan, Iceland, kanye namanye amazwe, anamaqembu agxile kwimvelo ngokuphelele. Lawa maqembu asekelwa kakhulu ngumphakathi kangangokuthi amanye awo akwazi ngisho nokusungula ohulumeni ngokubambisana nalawo maqembu agxile kakhulu kwezepolitiki. Emazweni asathuthuka, ezepolitiki zigxile kwezinye izinto ezibonakala zibalulekile, hhayi imvelo, futhi ngenxa yalokho-ke imvelo ayithathwa njengento esemqoka kwezepolitiki ezweni.