ukuphatha nokulawula — isiZulu

Izenzo kanye nendlela alawula ngayo uhulumeni, noma umuntu omele uhulumeni noma isiphathimandla sikahulumeni, noma asebenzisa ngayo amandla negunya lakhe phezu kwabantu noma phezu kwemisebenzi yemikhakha ethile noma phezu kwamaqembu athile emphakathini othile. Ngamanye amagama, lena yindlela okuqaliswa, kulawulwe, kusetshenziswe futhi kuqashelwe ngayo ukusebenza kwezinqubomgomo kanye nezinqumo zikahulumeni. Mayelana nemvelo kuvamise ukwenzeka into ebizwa “ngokudluliswa kwesibopho sokuphatha nokulawula” (“passing the buck”). Nakuba isizinda esiyigugu lomhlaba esinjenge-Cradle of Humankind ekugcineni singaphansi kwegunya nesibopho sokuphendula sezimpiko ezithile ze-UN (mayelana nezizinda ezingamagugu omhlaba, uphiko olunegunya lokwengamela yi-UNESCO), amandla okulawulwa nokuphathwa kwesizinda adluliselwe kwiziphathimandla zezwe laseNingizimu Afrika, okusho, iminyango kazwelonke kanye neyasekhaya (noma yesifundazwe) yezemvelo, ezesayensi, ezobuchwepheshe, ezokuvakasha kanye nezamasiko, kanti ngokunjalo nayo leyo minyango iyawadlulisa amandla okuqaliswa kokusebenza kwezinqumo iwanikeze iziphathimandla zendawo noma iwanikeze ngisho nabaholi bomphakathi basendaweni imbala noma imiphakathi ngokwayo. Yingakho-ke uhulumeni omkhulu engavamisile ukuzibandakanya ngqo ezindabeni zemvelo noma zokulondolozwa kwemivukubulo nezinsalela zasemandulo kanye nasemsebenzini wansuku zonke wokuphathwa nokulawulwa kwesizinda esimenyezelwe njengendawo eyigugu lomhlaba. Kodwa-ke, ekugcineni kumele kube nomuntu othile noma isikhungo esithile esinegunya okumele siphendule mayelana nomsebenzi owenziwayo esikhungweni kanye nokuphathwa kwaso. Ngenhloso yokuchaza lokhu okungenhla, kusetshenziswe isibonelo sokuphathwa kwemvelo, kodwa-ke cishe konke lokhu kungasetshenziswa nakweminye imikhakha yempilo, isibonelo, njengomkhakha wezempilo, ezemfundo, ezemidlalo, ezezindlu, ezokuvikela, ezenhlakahle yomphakathi, njalo njalo.