i-albedo — isiZulu

Amandla elanga afinyelela emhlabeni ngemisebe yelanga ebizwa nge-insolation. Umhlaba ubuyisela emkhathini umthamo othile wemisebe ethile engenayo emhlabeni evela elangeni. Isilinganisonani phakathi komthamo wemisebe engenayo kanye nomthamo wemisebe ebuyiselwa emuva emkhathini siboniswa njengephesenti elithile futhi lokhu kubizwa nge-albedo. Izici nezimo ezikhona phansi emhlabeni yizona ezinomthelela ekutheni lingakanani izinga lemisebe yelanga ebuyiselwa emkhathini, futhi lezi zimo nezici zihluke ngokwezindawo ezihlukene. Amachibi amanzi, izimfunda (grasslands), ama-equatorial forests (amahlathi atholakala ezindaweni ezinemvula eningi), ugwadule, izindunduma zeqhwa, kanye nezindawo ezisemadolobheni konke kunama-albedo ahlukahlukene. Indunduma yeqhwa iyibuyisela emuva imisebe eminingi eyitholayo evela elangeni, kanti izindawo ezinamahlathi notshani obuningi ezinebala elimnyama noma eliluhlaza-satshani ziyayimunca imisebe yelanga engenayo evela elangeni. Ngenxa yalokhu-ke, i-albedo iya ngokwehluka ezindaweni ezihlukahlukene emhlabeni. Izindawo ezinebala elikhanyayo (light-coloured areas) njengogwadule olunesihlabathi kanye nezindunduma zeqhwa zibuyisela emuva amandla emisebe amaningi uma kuqhathaniswa nezindawo ezinebala elimnyama njengamachibi amanzi kanye nezindawo ezinamahlathi nezitshalo eziningi.