I-Global North — isiZulu

Ukusabalala ngokwendawo (bheka i-“spatial development”) kwamazwe asethuthukile (amazwe “acebile”) (bheka ama-“developing countries”) emhlabeni kubonisa iphethini ethile ehlukile. Iningi lamazwe asethuthukile litholakala kwingxenyemhlaba esenyakatho, ngaphandle kwamazwe amabili aseningizimu, okuyi-Australia ne-New Zealand. Amazwe asethuthukile anezamba zomkhiqizo wezwe (GNPs) eziphakeme, nezamba zomkhiqizo wasekhaya eziphakeme (GDPs), kanye nezinkomba zentuthuko yabantu (HDIs) eziphakeme (bheka i-“development” kanye nama-“developing countries”). Kusukela ngasekupheleni kweminyaka yawo-1960 kuya eminyakeni yawo-1970 igebe phakathi kwamazwe asethuthukile namazwe asathuthuka libonakala kakhulu futhi lisetshenziswa kakhulu njengebhola lezepolitiki. Izinhlangano zamazwe ngamazwe eziningi ezinjengeNhlangano Yezizwe (UN) kanye nenhlangano yezokuhwebelana i-World Trade Union (WTO) ziluqinisile uphenyo oluphathelene nengxoxo yokuqhathaniswa kwamazwe acebile namazwe ahlwempu kanye nayo yonke imithelela yalokho kwezomnotho nakwezepolitiki. Ngowe-1980 i-UN yashicilelwa umbhalo obizwa nge-Brandt Report, owaqanjwa ngo-Dkt Willy Brandt, u-Chancellor wangaphambilini we-Federal Republic of Germany (West Germany) owayengumxhasi ohlonishwayo we-European Economic Community, futhi owayenguSihlalo we-Brandt Commission ngaphansi kweNhlangano Yezizwe. Ngenhloso yokwenza lula incazelo yamaphethini okusabalala komcebo nentuthuko ngokwezindawo ezihlukahlukene emhlabeni jikelele kwaqanjwa amatemu amabili amasha, “okuyi-“rich North” (amazwe acebile aseNyakatho) kanye ne-“poor South” (amazwe ahlwempu aseNingizimu). Lezi zingxenye ezimbili zamazwe omhlaba kuthiwa zihlukaniswe wumugqa obizwa nge-Brandt line (bheka i-“development” kanye nama-“developing countries”). Lawa matemu asetshenziswa kakhulu emibhalweni yezesayensi kanye nasemibhalweni ejwayelekile yansuku zonke. Emva kokugxekwa kwetemu elithi “acebile” kanye netemu elithi “ahlwempu” njengamatemu abonisa ukubukelwa phansi kwamazwe athile, kwaqaliswa ukusetsheziswa kakhudlwana kwegama elithi “global”. I-Brandt line inesimo esihlukile kakhulu njengoba ifaka i-Japan ne-South Korea ngaphansi kwamazwe aseNyakatho bese futhi yehla iyofaka i-Australia kanye ne-New Zealand ngaphansi kwamazwe aseNyakatho asethuthukile. Nakuba usasetshenziswa namanje lo mugqa, seliyancipha impela izinga lokusetshenziswa kwawo njengoba manje kunamazwe asathuthuka asethathwa njengamazwe aguqukayo (countries in transition) (CITs) futhi ngoba i-Brandt line ayiwanikezi indawo ekhethekile amazwe ombimbi lwe-BRICS (Brazil, Russia, India, China kanye South Africa — bheka “countries in transition”).