ukuvuselelwa kwezindawo ezindala — isiZulu

Inqubo yokuvuselelwa kwezindawo zasemadolobheni ezindala futhi eseziwohlokile. Ukuvuselelwa kwezindawo ezindala kubonakala njengengxenye yomlando ojwayelekile wentuthuko noma umjikelezo wamadolobha amakhulu emhlabeni wonke jikelele. Ngokuvamile, lokhu yizindawo ezindala ezinomlando omude ezisenkabeni yedolobha kanye nesifunda sebhizinisi esiyinhloko noma i-CBD (bheka i-“central business district”), amachweba amadala nezikhumulo zemikhumbi, kanye nezifunda ezindala kakhulu zokuhlalisa abantu ezigcina zingasasetshenziswa, seziwohlokile futhi sezifana nezindawo ezilahliwe. Kulezi zindawo kuvamise ukuhlala abantu abangenamakhaya, abathengisi bezidakamizwa, imilutha yezidakamizwa kanye nabaqwayizi, futhi ngenxa yalokho-ke lapha kugcina sekudlange kakhulu imikhuba emibi nezenzo ezingcolile. Izikole kanye namasonto nakho kuyaba sesimweni sokuwohloka njengoba abantu bethutha kulezi zindawo bayohlala ezindaweni ezintsha, zesimanjemanje, lapho behlala khona ngokunethezeka, kude nama-CBD amadala. Kodwa-ke, ngokuhamba kwesikhathi imikhakha ezimele kanye neyochwepheshe nongoti kanye nabantu abadla izambane likapondo, bavamise ukuthatha isinqumo sokuvuselela lezi zindawo ezingama-CBD eseziwohlokile, ngokubambisana neziphathimandla zedolobha. Izakhiwo ezindala ziyavuselelwa, ziguqulwe zibe yizindawo zokuhlalisa abantu abahola imiholo ephakeme futhi kwakhiwe nezitolo namahhovisi kanokusho, futhi nezindlu ezindala ziyavuselelwa zifakwe izinsizakalo zesimanjemanje, ezimba eqolo. Abantu abadla izambane likapondo, nosaziwayo kanye nalabo abenza imisebenzi ekhethekile yobungoti bayathutha ezindaweni abebehlala kuzona bayovula amabhizinisi namakhaya abo kanye nezindawo zokungcebeleka kulama CBD kanye nezikhumulo zemikhumbi zikanokusho esezivuselelwe kabusha. Ziningi izibonelo zezindawo ezisemadolobheni ezinjengalezi emazweni asethuthukile emhlabeni wonke jikelele. ENingizimu Afrika singabala i-Waterfront e-Cape Town, isikhumulo semikhumbi saseThekwini kanye ne-CBD endala yaseGoli, nakuba usaqhubeka umsebenzi wokuvuselelwa (nokulungiswa kabusha) kwe-CBD endala yaseGoli.