ukungcoliseka komoya — isiZulu

Isimo samazinga aphakeme amakhemikhali nesikhutha emkhathini ngaphezu komhlaba. Esikhathini esiningi, lesi simo sibangelwa yimisebenzi nezenzo zabantu emhlabeni. Ngokujwayelekile, umkhathi uqukethe amaphesenti angu-0,04 amakhemikhali nesikhutha, kodwa uma abantu bekhiqiza umthamo ophakeme kakhulu we-carbon dioxide kanye/noma i-monoxide, sulphur dioxide kanye/noma i-oxide, nitrogen oxides, hydrocarbons (njenge-methane), izinhlayiyana eziqinile zothuli, kanye nama-chlorofluorocarbon compounds (CFCs), liyakhuphuka izinga lamakhemikhali nesikhutha. Umoya oqukethe umthamo ophakeme kakhulu walezi zinikubalisi ungaba nobungozi noma ube noshevu omkhulu oyingozi kakhulu kubantu, futhi ngokuhamba kwesikhathi lokhu kungaholela ekuguqukeni kwesimo sezulu emhlabeni. (Bheka i-“acid rain” kanye ne-“climate change”)