ukutholakala kokudla okwanele — isiZulu

Isiqinisekiso sokuthi njalo kuyohlala kunokudla okwanele wonke umuntu emhlabeni. Eminyakeni engamakhulu amabili edlule, u-Thomas Malthus wabikezela ukuthi abantu emhlabeni bayophelelwa wukudla esikhathini esifushane esizayo. Kodwa-ke, sekuphele iminyaka engama-200 sikhiqiza ukudla okungaphezulu kwalokho okudingwa ngumuntu wonke. Ubuchwepheshe obusha, izinhlobo zezitshalo ezingcono, ukuniselwa kwamasimu abengakwazi ukukhiqiza ukudla esikhathini esedlule, kanye nezinqubomgomo zokuhlinzeka ngezibonelelo zokukhuthaza abalimi abakhulu abathengisayo sekuholele ekutheni ukhuphuke kakhulu umthamo wokudla okukhiqiziwe emhlabeni kusukela ngezikhathi ze-Green Revolution ngeminyaka yawo-1950. Ngelishwa-ke, kunabantu abangaphezu kwesigamu sabantu abakhona emhlabeni abangenakho ukudla okwanele noma ababhuqwa yindlala, kodwa-ke izizathu zalokhu ziphathelene nezepolitiki kanye nezomnotho, futhi lokhu akubangelwa wukushoda noma ukuntuleka kokudla. Njengamanje sikhiqiza ukudla okungaphezulu kakhulu kokudla okudingekayo ukuphakela bonke abantu abakhona emhlabeni ngokuphindaphindekile, kodwa-ke e-Asia, futhi ikakhulukazi kwelase-Afrika, bayizigidi ngezigidi abantu abasezingeni labantu ababhuqwa yindlala. Kunegebe elikhulukazi phakathi kokudla okukhiqizwayo kanye nokutholakala kokudla. Ukutholakala kokudla okwanele sekuwumkhakha wesifundo futhi iNhlangano Yezizwe inophiko olusungulelwe ukukhuthaza ukukhiqizwa nokusatshalaliswa kokudla, nakuba lolu phiko luhlangabezana nezingqinamba ezinkulu ekuqinisekiseni ukuhlinzekwa kokudla kubantu abaningi ababhuqwa yindlala emazweni athile ase-Afrika. Inselelo yesikhathi esizayo akukhona ukukhiqiza ukudla okwanele, kodwa wukusatshalaliswa kokudla okukhona.