ukuba nenzalo — isiZulu

Ukuba sesimweni sokukwazi ukuzala. KuJografi, leli temu lisetshenziswa ikakhulukazi uma kukhulunywa ngenani labantu kanye nokukhula kwaleli nani. Kumasayensi amaningi, ukuba nenzalo kuthathwa njengekhono namandla awo wonke amalungu omphakathi esifazane okuthola abantwana. Kweminye imiphakathi abesifazane bathola inani labantwana elingaphansi kwenani elitholakala kweminye imiphakathi. Izinga lokuzala liyisikali sokubonisa inani labantwana okumele batholwe ngowesifazane ngamunye. Nembala, lawa manani ayizilinganiso nje, ngakho-ke aboniswa ngokwamaqhezu noma amadesimali (decimals) futhi awaqondene nabo bonke abantu besifazane. Izinga lenzalo eliphelele (TFR) yinani labantwana okulindeleke ukuthi litholwe ngowesifazane ngamunye emphakathini. Njengamanje izinga lenzalo emhlabeni lime ku-3,1. Njengoba leli nani liyisilinganiso somhlaba wonke alinikezi ulwazi olwanele mayelana nendawo eyodwa ethile noma izwe elithile. Emazweni amaningi ase-Afrika abesifazane bathola abantwana abayisishiyagalombili kuya kwishumi nanye, kepha kwamanye amazwe bathola umntwana oyedwa noma ababili noma abathathu. Kwelase-China sekuphele iminyaka eminingi bengavumelekile abantu ukuba nabantwana abevile koyedwa (kodwa-ke usususiwe lo mkhawulo). Izinga lenzalo alibonisi izinga lokukhula kwesibalo sabantu ezweni, njengoba kunokwenzeka zishone izinsana nabantwana, kodwa libonisa isilinganiso senani labantwana okulindeleke ukuthi owesifazane ngamunye abathole, futhi liyinkomba enhle yokuthi inani labantu ezweni lingakhula ngesivinini esingakanani, futhi liyithuluzi eliwusizo kakhulu lokwenza izibalo zokuqhathanisa amanani abantu ezindaweni ezihlukahlukene.