umjikelezo webuyisambiko — isiZulu

Umjikelezo omncane ophindaphindekayo ngaphakathi ohlelweni olukhulu lwamandla (energy) kanye nokuqhubeka kwento ethile. Iningi lezinhlelo ezivulekile liqukethe imijikelezo webuyisambiko eminingana impela. Izinhlelo ezinjalo zisebenza ngomgomo we-response-control principle. Eqophelweni elithile ohlelweni, amandla noma into ethile enomthamo owanele (okusho, into okungenzeka ibe ngamandla) iyaqhubeka iye phambili ohlelweni ize idlule ngaphezulu komkhawulo ophezulu obekiwe futhi ngalokho iqalise inqubo ezama ukuphikisana nalokhu. Isibonelo esilula wumjikelezo webuyisambiko wababaleki bakwamanye amazwe noma izifikanamthwalo ezingekho emthethweni ezisuka kwelinye izwe ziyohlala kwelinye. Kunabantu base-Zimbabwe abaningi abafudukela eNingizimu Afrika ngenkathi bebona isimo senhlalo eZimbabwe singasabekezeleleki. Abazange babuyiselwe emuva ezweni labo, kodwa banikezwa imvume yokukhosela kuleli lizwe noma ilungelo lesikhashana lokuhlala kuleli futhi baqala ukwenza imizamo yokuziphilisa kuleli lizwe. Lokhu kwakhuthaza nabanye abantu baseZimbabwe ukuthi nabo benze into efanayo, okuyisenzo esaqinisa umjikelezo webuyisambiko wonkana. Kwaqala kanjalo-ke ukuthutheleka ngobuningi kwabantu baseZimbabwe eNingizimu Afrika. Lolu wuhlobo lomjikelezo webuyisambiko obizwa nge-positive feedback loop (umjikelezo webuyisambiko ovumela ukuqhubeka kwenqubo ethile). Ukube zabuyiselwa emuva lezo zifikanamthwalo ezafika kuqala kuleli, kwakungeke kuqhubeke ukuthutheleka kwabantu baseZimbabwe kuleli, ngakho-ke kwakuyokwenzeka i-negative feedback loop (umjikelezo webuyisambiko onqanda ukuqhubeka kwenqubo ethile) futhi babezoba yingcosana kakhulu abantu baseZimbabwe ababezoba nesibindi sokuza eNingizimu Afrika, futhi nalabo abase bevele bengaphakathi eNingizimu Afrika babezozama ukuphuma baphele lapha, babuyele ezweni labo. Ezinhlelweni zemvelo, ibuyisambiko yinto evamile kakhulu. Ukucekeleka phansi kwezimila zemvelo endaweni ethile kuholela ekutheni amanzi ageleze kalula phezu komhlabathi, okuyisenzo esiholela ekugugulekeni komhlabathi ongaphezulu, ovundile futhi lokhu kuholela ekutheni ekugcineni kusheshe ukuguguleka kongqimba lomhlabathi ongaphezulu. Uma kuphinda kumila izimila zemvelo endaweni eyehlelayo, kwenzeka i-negative feedback loop ngokushesha, futhi kuyanqandeka nokuguguleka komhlaba, futhi ngaleyo ndlela kulawuleke. Imidwebo yokuhambelana nokuhlobana kwezinto, ebizwa ngama-correlation diagrams (izinhlaka zokuhambelana kwezinto) ivamise ukusetshenziswa ukwenza imijikelezo yebuyisambiko ohlelweni oluthile.