fauna, iqoqo lezilwane eziphila endaweni ethile — isiZulu

Ubudlelwano bezilwane eziphila ndawonye endaweni ethile ngesikhathi esithile. Lokhu kubandakanya zonke izilwane eziyingxenye ye-ekhosistimu ngesikhathi esithile ngaphambi kokuba i-ekhosistimu iguquke futhi kube nezilwane eziphumayo kuleyo ekhosistimu noma ezifayo. Kuleso sigaba, buyaguquka ubudlelwano bezilwane eziphila kuleyo ekhosistimu. Leli qoqo lezilwane lingabandakanya izilwane ezinhlobonhlobo, kusukela ezilwaneni ezinkulu njengezindlovu noma imikhomo kuya kwizinambuzane kanye nezilwanyazana ezincane kakhulu njengalezo ezinengqamuzana eyodwa (single celled) imbala, njenge-zooplankton.