i-extrapolation — isiZulu

Ukudluliswa kwemiphumela yocwaningo olugxile ebuningini nasezintweni ezibonakele isuswa emkhakheni wocwaningo owodwa isiwa komunye ngaphandle kokuhlola kuqala ukuthi leyo miphumela iyahambelana yini nalowo mkhakha noma cha. Kumasayensi amaningi – futhi ikakhulukazi kumasayensi aphathelene nendawo, anjengeJografi – ukwenza lokho kuyinto enobungozi obukhulu. Kweminye imikhakha ekhethekile yeJografi, ukusetshenziswa kwe-extrapolation kuyafakazeleka ngokwesayensi, kodwa-ke uma imiphumela yocwaningo isuselwa kwidatha eyisisekelo eqondene nendawo ethile i-extrapolation kumele yenziwe ngokucophelela okukhulu, noma-ke nje iyekwe ingenziwa, ngaphandle uma kukhona isizathu esiqinile esisuselwa kwithiyori ethile esifakazela isidingo sokuthi yenziwe. Izazi zeJografi akumele neze zicabange ukuthi into eqondene nomkhakha othile ingasebenza nakweminye imikhakha. Ngokungafani ne-interpolation (bheka i-“interpolation”) lapho kuvamise ukusetshenziswa izitatimende ezisuselwe kwimiphumela yalokho okutholwe wucwaningo ezintweni ezibonakele ngaphakathi endaweni eyodwa (intra-areal generalisation), i-extrapolation yona iphathelene nezitatimende ezisuselwe kwimiphumela yalokho okutholwe wucwaningo ezintweni ezibonakele ezindaweni ezihlukahlukene (inter-areal generalisation) futhi ayivamisile ukusetshenziswa ngoba kunzima kakhulu ukufakazela ngokwesayensi isidingo sokusetshenziswa kwayo. KuJografi, kokubili i-intra-areal kanye ne-inter-areal generalisation kumele kuphathwe ngokucophelela. Khumbula ukuthi i-Jografi yisifundo esiphathelene nokuhlukahluka ngokwendawo futhi umgomo wobunjalo obuhlukile kwezinye izinto noma wobunjalo obunobungqayizivele kumele ukhunjulwe ngaso sonke isikhathi kulokhu (bheka i-“geodiversity” kanye ne-“spatial interpolation”).