i-escarpment — isiZulu

Indawo ewummango noma umthambeka owehlela kakhulu ophelela ethafeni eliphakeme noma endaweni eqondile. Izindawo ezingama-escarpments zivamise ukuba yizindawo ezinobuhle bemvelo obumangalisayo. I-escarpment enhle kakhulu yezintaba zokhahlamba, ama-Drakensberg, uma ibonwa ngasohlangothini lwesifundazwe saKwaZulu-Natali iwumngcele phakathi kweNingizimu Afrika nezwe lase-Lesotho futhi ngenye yezindawo eziphuma phambili ezithandwa ngabavakashi (bheka i-“destination”). Kepha-ke le ndawo ayiyinhle uma umuntu eyibona ngasohlangothini lwase-Lesotho – empeleni ayibonakali ngisho nokubonakala! Lena yinto eyenzekayo kuzo zonke izindawo ezingamathafa aphakeme – wonke umuntu osendaweni ephansi uma ebheka phezulu uwabona kahle ama-escarpments amahle aphelela emathafeni aphakeme, kodwa uma esemathafeni akayiboni i-escarpment. Mhlawumbe enye i-escarpment enhle kakhulu kunalena eshiwo ngenhla, eNingizimu Afrika yi-escarpment yezintaba ze-Drakensberg ehlukanisa i-Highveld (iNkangala) ne-Lowveld (indawo eseHlanzeni). I-escarpment yaseMpumalanga naseLimpopo engamangelengele nayo iqukethe izindawo eziphuma phambili ezithandeka kakhulu kubavakashi, ikakhulu abavakashi bakwamanye amazwe abasuke besendleleni elibangise e-Kruger National Park (bheka i-“intervening opportunity”).