ukuguguleka komhlaba — isiZulu

Iqoqwana lezinqubo zokuqothuka komhlaba okugugula umhlabathi okuzenzekela ngokwemvelo noma ukuwumphumela wezenzo zabantu kanye/noma ngenxa yezenzo zamakhemikhali. Izimvithi zakhiwa wukukhumuzeka kwamadwala futhi zigugulwa noma zisuswe ngama-ejenti okuguguleka komhlaba, okusho, izinguzunga zeqhwa, amanzi agelezayo (amanzi ahamba ngaphezu komhlaba abizwa futhi nge-surface runoff, kanye nemifula), amagagasi nemisinga yolwandle, umoya kanye nokunyibilika komhlabathi nodaka (landslides) okubangelwa ngamandla omhlaba adonsela phansi izinto, i-gravity (bheka i-“channelization” kanye ne-“mass wasting”). I-ejenti yokuguguleka komhlaba equkethe izimvithi izohhudla izindawo edlula kuzona futhi izinhlayiya zezimvithi nazo zizodleka futhi zihhudluzeke ngenxa yenqubo yokugudluzeka (ukuhhudluzana nokungqubuzana). Amanzi agelezayo kungenzeka futhi asuse izinto ezithile eziyingxenye yengxube ngenkathi izinto ezincibilikayo, ezinjenge-calcium carbonate yamadwala e-limestone nawe-dolomite, zincibilika emanzini. Ukukhumuzeka (weathering) kuhlukile ekugugulekeni kwenhlabathi ngoba phela ukuguguleka kwenhlabathi kubandakanya ukuthwalwa nokuthuthwa (transportation) kwezinto ezikhumuzekile (bheka i-“weathering”).