ukulingana — isiZulu

Kwezejografi, itemu elithi “ukulingana” lisetshenziswa maqondana nobulungiswa, ukufaneleka kwesenzo esithile kanye nokungachemi. Leli temu livamise ukusetshenziswa kwezokuphathwa kwemvelo maqondana nobulungiswa bemvelo futhi liyasetshenziswa maqondana nokuhlolwa komthelela kwimvelo, ukuqapha imvelo, ukuhlola umthelela kwimvelo, njalo njalo (bheka i-“environmental justice”, “environmental monitoring” kanye ne-“environmental auditing”). Lezi zinqubo eziphathelene nemvelo kumele zibe nobulungiswa futhi zibe ngezilungile, ezifanelekile futhi akumele zibe yizinqubo zokujezisa abantu okungabonwa ngaso linye nabo. Futhi ukuhlolwa nokuhlaziywa komthelela kwimvelo akumele kube yizinqubo ezingenabo ubulungiswa futhi ezishaya indiva izimfuno nezidingo kanye nezinto ezikhathaza noma yibaphi abantu abanentshisekelo noma abathintekile (IAPs) (bheka ama-“interested and affected parties” kanye ne-“environmental management”). Ukulingana kusemqoka kakhulu emkhakheni wezemvelo njengoba esikhathini esiningi abantu abanemali begcina sebeshaya amaphiko phezu kwabantu abahluphekayo, ekubeni abantu abacebile kanye nalabo abahlwempu benelungelo elilinganayo lokuphila ngaphansi kwesimo semvelo esikahle futhi esinempilo. Ukususwa ngoshova komphakathi ohlwempu ukuze kwakhiwe inkundla yegalofu emhlabeni wabo kuyisenzo esibi futhi esingcolile – kodwa ngelishwa lokhu sekuyinto evamisile – eyenzekayo kulo mhlaba esiphila kuwona kulezi zinsuku. Ingabe lokhu kuyisenzo esifanele futhi esinobulungiswa? Kwezejografi, kukhona nomunye futhi umkhakha okusetshenziswa kuwona igama elithi “ukulingana”, futhi lowo ngumkhakha wejografi yezomnotho lapho kuhwetshwa khona ngamasheya (esikhungweni sokuhwebelana ngamasheya).