umlondolozi wemvelo — isiZulu

Umuntu okhathazekile ngomthelela omubi wezenzo zabantu kwikhwalithi yemvelo futhi okholelwa ukuthi izenzo zabantu ezithile zicekela phansi izingxenye ezithile noma zonke izingxenye zemvelo, ewuhlelo lomhlaba wonke lokusekela izinto eziphilayo. Abalondolozi bemvelo bavumelana nombono womhlaba kanye nenkambiso elungileyo yokuthi imvelo kumele ivikelwe, ilondolozwe futhi igcinwe isesimweni sayo soqobo. Akubona bonke abalondolozi bemvelo ababandakanyeka ngokulinganayo embuthweni wemvelo womhlaba wonke jikelele; empeleni, imibono nemizwa yabo mayelana nemvelo ihlukahlukene kusuka kulabo abakholelwa ekutheni kumele kwenziwe imizamo ethile yokuvikela imvelo kube kungekho lutho abakwenzayo ngalokho, kuye kulabo abangamalungu akhuthele ezinhlangano zokulondolozwa nokuvikelwa kwemvelo, kuyofinyelela kwizishoshovu nezidlamlilo ezinganqeni neze ukusebenzisa izindlela ezibonisa intukuthelo nodlame ukuvikela imvelo (bheka i-“ecocentrism”). Kunamagama kanye namatemu amaningi ahlukahlukene achaza abalondolozi bemvelo. Okokuqala, kukhona labo ababizwa ngama-“shallow greens” abakhombisa ukuzwelana nombono wokuvikelwa kwemvelo kodwa abangazibandakanyi emibhikishweni yezemvelo. Kukhona nalabo ababonisa ubushoshovu obukhudlwana impela, ngoba kwesinye isikhathi bayasukuma babe yingxenye yeminye imibhikisho yomphakathi yokuvimbela ukucekelwa phansi kwendawo noma impahla ebaluleke kakhulu kwimvelo, futhi laba babizwa ngama-“greens” noma ama-“greenies”. Ososayensi bemvelo abaningi bayingxenye yaleli qembu labalondolozi bemvelo. Kunososayensi abaningana abavela emikhakheni yezesayensi ehlukahlukene abadlala indima enkulu ekuvikelweni kwendawo ezungeze imigede yase-Sterkfontein nase-Swartkrans ebaluleke kakhulu ngenxa yemivukubulo yasemandulo etholakala lapho, futhi bazibandakanya ekunxenxeni ukuthi i-Cradle of Humankind imenyezelwe njengesizinda samagugu omhlaba. Izishoshovu ezibizwa ngama-“deep greens” (noma ama-“bunny huggers” kanye nama-“tree huggers”) ziyizishoshovu eziyizidlamlilo zokuvikelwa kwemvelo ezikhankasa ngenkuthalo futhi ezingapheli amandla ezilwisana nemiklamo yokwakha nokuthuthukiswa kwezindawo ezithile engaba nomthelela omubi kwimvelo, noma ezilwisana nemiklamo okungenzeka icekele phansi indawo okuhlala kuyona izilwane nezilokazane ezithile. Kukhona nezinye izidlamlilo ezingabashokobezi abacekela phansi izinto, abanganqeni nakancane ukusebenzisa izenzo zobugebengu ngenhloso yokufeza izinhloso zabo kanye nokuqhubekisela phambili umzabalazo wabo (bheka i-“ecocentrism”). Izibonelo ezintathu zezishoshovu ezazithobela umthetho futhi zingama-deep green ezalahlekelwa yizimpilo zazo ngenxa yemibhikisho yazo, yilezi: u-Chico Mendez owazama ukuvimbela isenzo esingenangqondo futhi esingekho emthethweni sokucekelwa phansi kwemvelo sokugawulwa kwezihlahla ezinkulu zohlobo lwe-hardwood emahlathini ase-Amazon kwelase-Brazil; u-Ken Saro-Wiwa owabhikisha ngenkuthalo enkulu ephikisana nokucekelwa phansi kwe-Niger Delta yizinkampani zikawoyela ezinkulu ezazisebenzisa izindlela zokumba nokumpompa uwoyela ongahluziwe ezinobungozi futhi ezinyanyekayo zokulimaza imvelo; kanye no-Dian Fossey owazama ukumisa ukubulawa nokuqothulwa kwezimfene ezingama-gorilla ezintabeni zase-Central Africa okungekho emthethweni futhi okuhambisana nesihluku esikhulu. Zontathu lezi zishoshovu zalahlekelwa yizimpilo zazo – futhi empeleni zabulawa (nakuba ukufa kuka-Ken Saro-Wiwa kubizwa “ngokubulawa okusemthethweni” ngoba wagwetshwa isigwebo sentambo) – ngenxa yobushoshovu bazo kanye nokushisekela ukuvikelwa nokulondolozwa kwemvelo. Manje sezingamaqhawe namadelakufa afela imvelo futhi akumele neze lithathwe kancane futhi libukelwe phansi igalelo labo emzabalazweni oqhubekayo njengamanje emhlabeni wokuvikela nokulondoloza imvelo.