amandla namathuba ahlinzekwa yimvelo — isiZulu

Lokhu kusho ukuhlolwa kwekhono namandla ezomnotho ezinto eziyingxenye yemvelo endaweni ethile noma isifunda, okungenisa imali nenzuzo engasekela umsebenzi othile ophathelene nezomnotho. Imithombo yemvelo ingakusekela okukodwa noma ngaphezulu kulokhu okulandelayo: izimayini, ezokuvakasha, ukuhlaliswa kwabantu, ezolimo emkhakheni wokuzalaniswa nokuphathwa kwemfuyo noma ukulinywa kwezitshalo noma kokubili, ezamahlathi, ezokudoba, kanye nokunye okuningi. Uma imvelo, endaweni ethile, inamandla okuvula amathuba amahle okukhiqiza izitshalo zokudla, ngeke kube wumqondo omuhle okusebenzisa lowo mhlaba ukutshala amahlathi, ukwakha inkundla yegalofu noma ukuhlalisa abantu. Kungaba yisenzo esiwubula ukuguqula wonke umhlaba onobuhle bendalo obumangalisayo osesimweni sobuhle bawo esingakaguquki, kwakhiwe izinkundla zegalofu kulowo mhlaba, ngenhloso yokungenisa inzuzo ephakeme njengoba kuvamise ukwenzeka esikhathini samanje. Ezinye izibaluli (attributes) zendawo ezinjengokutholakala kwezimbiwa kuleyo ndawo, ukusondelana kwayo nesizinda esikhulukazi okwakhiwa kusona izimboni, ukusondelana kwayo nesikhungo sabavakashi esichumile, noma ukuba seduze kwayo nomgwaqo omkhulu oya esiqiwini esidumile futhi esithandwa kakhulu, kukhulisa amandla emvelo alowo mhlaba. Ukuba khona kwezizinda eziqukethe izinsalela zasemandulo eduze kwendawo ethile kunomthelela emandleni emvelo aleyo ndawo, kanti futhi umhlaba oseduze noma ongaphakathi kwendawo enokubaluleka okuthile okuphathelene nezenkolo, ezamasiko noma ezomlando inamathuba amaningana engawasebenzisa okwakha izizinda zokuvakasha ezinhlobonhlobo, futhi ngalokho leyo ndawo inamandla emvelo aphakeme.