imibutho yokulondolozwa nokuvikelwa kwemvelo — isiZulu

Kusukela ekusungulweni kwawo ngedumela elikhulu ngasekuqaleni kweminyaka yawo-1960 kwelase-USA, uMbutho Wokulondolozwa Nokuvikelwa Kwemvelo wamazwe ngamazwe obandakanya zonke izinhlaka ususabalele waze wafinyelela kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Sekusungulwe imibutho nezinhlangano zemvelo eziningi emhlabeni kanye nasezifundeni, futhi kusenjalo sekusungulwe nezinhlangano zendawo (local) eziningi impela. Esikhundleni sokuthi sikuhlinzeke lapha ngohlu olude lwalezi zinhlangano, sikucebisa ukuthi usebenzise izinsizakufunda (study material) zakho kanye le-glosari ukuqoqa amagama ezinhlangano ozowafaka ohlwini lwakho. Uma uqala ngemibutho edumile njenge-Greenpeace futhi ugcine ngezinhlangano ezisendaweni yangakini, uzomangala ukuthi lude kangakanani uhlu lwezinhlangano ongalwenza. Khumbula ukuthi lezi zinhlangano uma sezizonke zakha iqembu elinamandla lamashoshozela kuzo zonke izinhlangano ezisemthethweni, njengohulumeni bezifundazwe noma bezifunda kubandakanya futhi nohulumeni bakazwelonke futhi ekugcineni kuyofinyelela nasezinhlanganweni zamazwe ngamazwe ezinjengezinhlangano ezingaphansi kweNhlangano Yezizwe (United Nations) (bheka i-“polarisation”). Uma sikhuluma iqiniso, “imibutho yokulondolozwa nokuvikelwa kwemvelo” ichaza izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni (NGOs). Kodwa-ke, ngenxa yengcindezi evela kulezi zinhlangano, wonke amazwe emhlabeni jikelele manje asenezawo izinhlangano ezisemthethweni zokuphathwa noma ukulawulwa kwemvelo. Lezi zinhlangano zisebenzisana kakhulu nemibutho engekho ngaphansi kukahulumeni futhi kungaba yindelelo ukubheka lezi zinhlangano ezisemthethweni njengezinhlangano ezihlukile futhi ezingeyona ingxenye yezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni. Empeleni, imvelo wumkhakha okhethekile obonisa ukukhathazeka kwabantu, njengoba izinhlangano zikahulumeni kanye nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni zivamise ukusebenza ngokubambisana emzamweni wokuvikela imvelo yethu entekenteke edinga ukunakekelwa kakhulu.