ukuphathwa kwemvelo — isiZulu

Lolu wucwaningo lwezesayensi olumkhakha-mningi oluphathelene nobudlelwano phakathi kwabantu nemvelo yoqobo kanye nezinto zemvelo ezakhiwe ngabantu. Lo mkhakha wokufunda wasungulwa ngenxa yokukhathazeka mayelana nesimo semvelo emhlabeni jikelele kanye nazo zonke izimo zemvelo zangaphakathi ezweni ngalinye kanye nomthelela wezenzo zabantu kwimvelo yomhlaba wonkana kanye nemvelo yezwe ngalinye. Lokhu sekuholele ekutheni kwakhiwe uhlelo oluhleleke kahle lokulawula uphenyo oluphathelene nomthelela noma imithelela engaba khona ebangelwa yizenzo zabantu kwimvelo, kanye nokusungulwa kwenqubo ephoqelelwa ngumthetho yokugunyazwa kwemiklamo nemisebenzi ehlongozwayo. Ngamafuphi, lokhu wukulawulwa ngendlela ehlelekile kwezinqumo ezithathwa ngabantu eziphathelene nezenzo ezingaba nomthelela omkhulu kwimvelo.