ubulungiswa bezemvelo — isiZulu

Mhlawumbe kungenzeka leli kube yitemu okungelula neze ukulichaza. Nakuba itemu elithi ukuphathwa kwemvelo liphathelene nemiqondo, amathiyori kanye namaqiniso ezesayensi achazeka kalula, kanti imithetho yezemvelo yona iphathelene nemithetho ebhalwe phansi, alikho kulawa matemu eliphathelene nobulungiswa. Itemu elithi ubulungiswa yitemu elingabambeki futhi elingaqondakali kalula (intangible), elinobunzululwazi (philosophical concept) elakhelwe phezu kwelinye itemu nalo elinokungabambeki okufanayo, elibizwa ngezimiso zokuziphatha (ethics). Liphathelene nalokho okuhle, nalokho okubi, okulungile noma okungalungile, kanye nokunobulungiswa nokungenabo ubulungiswa. Lezi akuzona neze izinto ososayensi kanye nabameli abazizwa bekhululekile ngazo futhi abangasebenza kalula ngazo! Ezimisweni zokuziphatha, ubulungiswa bubandakanya umgomo wokusebenza ngendlela engachemile futhi engenakho ukwenzelela, yokuthi amacala afanayo kumele aphathwe ngendlela efanayo, nokuthi ukwabiwa kwemihlomulo kanye nemithwalo kumele kungachemi futhi kungenzeleli, futhi isijeziso kumele silingane nesenzo sokuphulwa komthetho. Umqondo wonkana wobulungiswa usemqoka kakhulu ezindabeni eziphathelene nemvelo. Abantu emiphakathini ehlwempu ehlala ezindaweni zasemakhaya ezingxenyeni eziningi zomhlaba akukho okunye abangakwenza ngaphandle kokusebenzisa imvelo ebazungezile (bheka i-“environmental resources” kanye ne-“exploitation”) ukuze bakwazi ukuziphilisa. Ngokuqinisekileyo, laba bantu badala umonakalo omkhulu impela ngokucekela phansi imvelo, kodwa-ke yini nje enye abangayenza? Kepha-ke nakuba kunjalo bathola ukugxekwa okukhulu ngezenzo zabo, okuvela ikakhulukazi kubavakashi abaphila kahle futhi abadla izambane likapondo abadlula ngezimoto zabo kulezi zindawo zomphakathi esezicekeleke phansi ngenkathi besendleleni eya eziqiwini kanye nama eco-lodges abiza imali eshisiwe futhi amba eqolo (bheka ama-“eco-lodges”). Ingabe kulungile futhi kunabo yini ubulungiswa lokhu kugxekwa kwabantu abahlwempu? Abangcolisi bomoya abakhulukazi emhlabeni ngamazwe asethuthukile, acebile futhi anezimboni eziningi, kepha imithelela emibi yokungcoliseka komkhathi ivamise ukukhahlameza ikakhulu amazwe ahlwempu kunamazwe acebile. Ingabe lokhu kunabo yini ubulungiswa? Izwe lase-Brazil ligxekwa kakhulu ngokucekela phansi ingxenye enkulu yehlathi lase-Amazon ngenhloso yokuzitholela inzuzo ephakeme kakhulu. Ukucekelwa phansi kwamahlathi ngenxa yobugovu yinto engalungile neze futhi ebonisa ukungaziphathi kahle, kodwa-ke ukulindela ukuthi i-Brazil yonge futhi ilondoloze amahlathi ngenhloso yokunciphisa isikhutha se-CO2 emkhathini esikhiqizwe ngamazwe asethuthukile anjenge-United States of America, akuyona neze into elungile futhi enobulungiswa. Lolu daba lwalungekho ngisho nakwi-ajenda ngenkathi kuqala ingqunguthela yamazwe ngamazwe i-Earth Summit eyabe ibanjwele e-Rio de Janeiro ngowe-1992, kodwa amazwe asathuthuka aqinisekisa ukuthi luyafakwa njengengxenye yamaphuzu asemqoka okwakuzoxoxwa ngawo kule ngqungquthela. Kusukela lapho-ke ukuphikisana okukhona phakathi kobugovu kanye nokuziphatha ngendlela elungileyo bekulokhu kuyingxenye yakho konke ukucabanga okuphathelene nemvelo. Ukuqiniswa komthetho ohambisana nomgomo wokuthi umngcolisi wemvelo kumele akhokhe, mhlawumbe iyona kuphela inqubekelaphambili ebonakalayo eseyenziwe kuze kube manje mayelana nalokhu.