EIA, ukuhlolwa komthelela kwimvelo — isiZulu

Inqubo yokuphatha noma yokulawula esetshenziselwa ukuhlonza umthelela womklamo noma umsebenzi ohlongozwayo kwimvelo. Eqinisweni lokhu kuyinqubo yokubikezela isimo. ENingizimu Afrika, njengakwamanye amazwe amaningi, lokhu kuyingxenye yeNqubo Edidiyelwe Yokuphathwa Kwemvelo (IEMP). Ngokususela kwidatha yemvelo eqoqwe esigabeni se-IEMP sokuhlolwa kwemvelo (EE), kanye nalo lonke ulwazi oluphathelene nomklamo noma umsebenzi ohlongozwayo oluhlinzekwe ngumhlongozi womklamo, kwenziwa isibikezelo sezesayensi somthelela ongenzeka kwimvelo. Inqubo yokubikezela wuhlaziyo lomthelela kwimvelo oluyingxenye esemqoka yokuhlolwa komthelela kwimvelo. Kusetshenziswa izindlela ezihlukahlukene ukwenza lezo zibikezelo, ezinye zalezi yizindlela zokukala ezigxile kakhulu kwezesayensi, kanti ezinye zisuselwa emibonweni yongoti kanye nemibono yabantu abajwayelekile nje emphakathini abanentshisekelo emklamweni noma emsebenzini ohlongozwayo noma abathintekile kulokho. Abantu abajwayelekile babizwa ngabantu abanentshisekelo noma abantu abathintekile (IAPs) futhi ngokwemithetho yezemvelo yaseNingizimu Afrika, imibono yabo kumele ilalelwe futhi ibandakanywe. Kumele kuqapheleke ukuthi kunephutha elivamise ukwenzeka lokusetshenziswa, esikhathini esiningi, kwetemu elithi “ukuhlolwa komthelela kwimvelo” kanye netemu elithi “ukuhlaziywa komthelela kwimvelo” njengamatemu angomqondofana. Futhi okubi kakhulu kunalokhu wukuphanjaniswa kwetemu elithi ukuhlolwa komthelela kwimvelo (environmental impact assessment) kanye nokuhlolwa kwemvelo (environmental evaluation). Ukusetshenziswa ngendlela elungile futhi eqondile kwawo wonke lawa matemu kuchazwe ngendlela efanele emibhalweni echaza inqubo yaseNingizimu Afrika ye-IEMP kanye noMthetho Kazwelonke Wezokuphathwa Kwemvelo, ongunombolo 107 we-1998. Ngakho-ke, akumele kube nomuntu ohlulekayo ukusebenzisa lawa matemu ngendlela efanele.