ibhizinisi lezemvelo — isiZulu

Noma yiliphi ibhizinisi elenza inzuzo elibandakanya noma yimuphi umkhakha wemboni yezemvelo. Ngokubanzi, leli temu libandakanya noma yiliphi ibhizinisi kusukela efemini yabadwebizakhiwo zomhlaba (landscape architects) noma abahlaziyi bomthelela kwimvelo, kuya kubathungathi bezinsalela nemivukubulo yasemandulo endaweni ethile yemvelo, kuya emabhizinisini okulungisa izingadi, ibhizinisi eliyi-eco-lodge noma i-bed-and-breakfast lapho abaqwali bezintaba bemvelo bengachitha khona ubusuku, abaphelezeli abahola abavakashi ezinkambweni zokuyobona izilwane zasendle, igunjana elincane elithengisa u-ice cream esizindeni esiyigugu lomhlaba, kanye nabahleli abagxile emsebenzini wokuhlela izingqungquthela zamazwe ngamazwe ezinkulu eziphathelene nezemvelo. Into esemqoka kakhulu wukuthi lawa mabhizinisi asungulelwe ukwenza imali emsebenzini othile ophathelene nemvelo noma okunye okuhlobene nalokho.