ukuqoqelana ndawonye komnotho — isiZulu

Amafemu ahlukahlukene enza umkhiqizo ofanayo embonini efanayo aqoka ukwakha endaweni eyodwa ukuze abelane ngezindleko, futhi ngalokho anciphise izindleko zawo zokuqhuba ibhizinisi. Lokhu kungafezekiswa ngokuxhumana phakathi kwamafemu ngokuthi athenge impahla ayidingayo ngobuningi, noma ngokuqeqesha abasebenzi bawo abathile abenza imisebenzi yobungcweti, noma abelane ngezinsiza zokuqhuba umsebenzi (njengokuphakelwa kwamanzi nogesi), noma ukwabelana ngezithuthi zabasebenzi ezibathwalayo ngenkathi beya noma bebuya emsebenzini. Ngokwemodeli ka-Weber yendawo okwakhiwe kuyona izimboni, ukuqoqelana ndawonye komnotho kuthathwa njengento eyodwa esemqoka kunazo zonke mayelana nendawo okwakhiwe kuyona amafemu nezimboni, kodwa-ke bakhona abaphikisanayo nalo mbono. Amafemu akha izimoto, namafemu alungisa futhi elule izingxenye zezimoto ezilimale engozini kanye namafemu akha izingxenye zezimoto avamise ukwakhiwa endaweni eyodwa lapho ekwazi ukubambisana kanye nokusebenzisa umkhiqizo wawo ophakeme ngenhloso yokunciphisa izindleko zokuqhuba ibhizinisi (economies of scale).