ukugwaduleka kwezindawo — isiZulu

Ukulahleka kwamandla endawo ethile okukhiqiza nokusekela impilo. Uma lithathwa njengoba linjalo, leli temu lichaza “ukwenza indawo ibe wugwadule”. Leli temu laba yingxenye yamagama ayesetshenziswa nsukuzonke ngasekuqaleni kweminyaka yawo-1970 ngenkathi ingxenye enkulukazi yesifunda sase-Afrika esicishe sifane nogwadule esiseningizimu ye-Sahara Desert (esibizwa nge-Sahel) ikhahlanyezwa yiminyaka eminingi yesomiso esibi kakhulu. Nakuba lesi sifunda siyifunda esicishe sibe yindawo eyomisile, besilokhu sikwazi ukuphilisa abantu abahlala ezindaweni zasemakhaya ababelima noma ababephila impilo yokwehla benyuka besuka edlelweni elithile beya kwelinye behamba nemihlambi emincane yemfuyo yabo. Emva kweminyaka eminingi yokutholakala kwezimvula ezincane kakhulu, noma-ke yokungatholi ngisho neconsi elilodwa nje lemvula, isifunda sonkana sahlangabezana nenkinga yokuphela nya kotshani nezihlahla (bheka i-“deforestation”), futhi kwakungasamili lutho emhlabathini, okwenza ukuthi le ndawo ingakwazi ukuphilisa abantu ababehlala lapho. Izinhlangano zamazwe ngamazwe kwadingeka ukuthi zihlinzeke abantu ngokudla, kodwa noma kunjalo kwafa izinkulungwane ngezinkulungwane zabantu ngenxa yendlala. Lesi sigameko esibuhlungu futhi esidabukisayo saheha amehlo abantu emhlabeni wonke jikelele futhi kwafika nomcabango wokuthi kungenzeka i-Sahara Desert “inwebeke” futhi isabalale kancane kancane ibheke ngaseningizimu. Waqala ukwamukeleka kubantu abaningi nomcabango ongelona neze iqiniso wokuthi iningi lezindawo eziwugwadule emhlabeni ziyanwebeka kancane kancane futhi ziyasabalala zingene ezifundeni ezakhelene nazo ngenxa yezimo zemvelo kanye nokuguquguquka kwesimo sezulu. Emva kocwaningo lwamazwe ngamazwe olubanzi, kwatholakala ukuthi ukugwaduleka kwezindawo kubangelwa yinqubo yemvelo yokuwohloka nokucekeleka phansi okubangelwa yizenzo nemisebenzi yabantu ephakeme ngokweqile eholela ekuncipheni kwamandla okukhiqiza ezifunda ezicishe zibe wugwadule, okwenza lezi zindawo ziguquke zifane nogwadule (bheka i-“environmental degradation”). Empeleni, ukugawulwa nokucekelwa phansi kwamahlathi nezitshalo zemvelo (bheka i-“deforestation”) ekugcineni kuholela ekutheni izindawo zigwaduleke. Kumele sikuveze ukuthi izingxenye ezinkulu zesifunda sase-Sahel seziyakwazi futhi ukukhiqiza emva kweminyaka embadlwana kutholakala izimvula ezijwayelekile, futhi kusetshenziswa izindlela ezilungile zokuklabisa imfuyo kanye nokulima ngendlela efanele.