demonstration effect, umthelela wokubonela — isiZulu

Umthelela ofanayo wamasiko, imikhuba yendabuko, izindlela zokuphila, izimompilo kanye nezinkambiso zabantu abahlukahlukene odluliselwa kweminye imiphakathi noma amaqembu abantu. Leli yitemu elihlobene kakhulu nenqubo yokwamukela kwabantu abathile usikompilo olusha okungelona olwabo, emva kokuhlangana nabantu abangabanikazi bosikompilo lolo (acculturation) (bheka i-“acculturation”), kodwa-ke umthelela wokubonela uvamise ukubonakala emaqenjini amancane futhi ububanzi kanye namandla alokhu kuncane kakhulu uma kuqhathaniswa ne-acculturation. Omunye umehluko phakathi kwalokhu okubili wukuthi i-acculturation iyinqubo yomthelela osuka ohlangothini olulodwa lwabantu uye kolunye uhlangothi lwabantu, kepha i-demonstration effect yona iyinqubo ebandakanya ukwabelana kwezinhlangothi zombili (two-way process); kodwa-ke, lokho akusho ukuthi lokhu kuwumgomo omile futhi ongaguquki. Ukuba khona kwabavakashi noma izikhulu eqenjini labantu abanamasiko nezinkambiso zendabuko kanye nezimompilo ezingafani kungaba nomthelela emaqenjini womabili ngenxa yokuthi kuyenzeka elinye iqembu liqale ukubonela kwelinye bese lilandela indlela yokuphila yalelo qembu abahlangane nalo, naleli elinye iqembu nalo liphinde lenze into efanayo. Ezokuvakasha zihlinzeka ngezimo ezikahle kakhulu zale mpilo yokubonela. Kungenzeka lokhu kuzenzekele, kodwa-ke esikhathini esiningi uma iqembu labantu elithile libona indlela abaphila ngayo abantu abakwamanye amaqembu, liyabonela bese liqala ukulingisa nokulandela ezinye zezinto ezenziwa yilabo bantu bamanye amaqembu. Abavakashi, izihambi, izisebenzi zamanxusa ezivela emazweni aseNtshonalanga zafunda ukudla u-sushi e-Far East futhi zafundisa nabangani bazo, izimenywa kanye nabantu ezazana nabo noma ezisebenzisana nabo emazweni azo ngalokhu kudla. Kwasabalala kanjalo-ke ukudliwa kwe-sushi, futhi namuhla u-sushi wukudla okuyintandokazi e-Western Europe, e-USA kanye naseNingizimu Afrika imbala. Abavakashi abathokozele ama-mopani worms ngenkathi bevakashele eNingizimu Afrika, kungenzeka bafike emazweni abo bafundise abantu bakubo ngalokhu kudla, mhlawumbe lokhu kugcine sekuyintandokazi nakulawo mazwe angaphandle. Nakuba kunokwenzeka lokho, ngeke neze kuliguqule ngokuphelele lonke usikompilo lwamazwe alabo bavakashi. Ngokufanayo, ukugqoka kwabantu abathile izibuko zelanga emva kokubona abavakashi bezigqokile ngeke neze kuholele ekutheni kube ne-acculturation ezweni. I-demonstration effect iyisenzo sokubonela nokulingisa, indlela yokuphila engajulile kakhulu, futhi ayinawo umthelela omkhulu emasikweni oqobo nasezinkambisweni ezinohlonze, njengoba kwenzeka ku-acculturation. I-acculturation inomthelela ophelele kwindlela yokuphila, amasikompilo, izinkolelo kanye nemibono yomhlaba, kanti i-demonstration effect yona iwukubonela nje nokulingisa izindlela zokuziphatha nokuphila ezilula, njengokudla, imfashini kanye nezinto ezithile empilweni. Isibonelo esihle se-demonstration effect yimicimbi yemishado yabantu abamnyama baseNingizimu Afrika, asebephila impilo yesimanjemanje. Nakuba bengakaziyeki izinkambiso nemigidi yomshado wesintu, manje sebevamise ukuba nemicimbi yomshado emibili, futhi komunye wale micimbi umakoti ugqoka “ingubo yomshado emhlophe” okwenza lo mcimbi ufane nomshado wabantu abamhlophe baseNingizimu Afrika. Kepha-ke nakuba kunjalo, abantu abamhlophe baseNingizimu Afrika bona abayifaki ingxenye yomshado wesintu emishadweni yabo.