ukuklanywa kwemingcele — isiZulu

Ukuhlonzwa nokuchazwa kwemingcele noma kwemikhawulo yendawo ethile. Ngamafuphi nje lokhu kusho “ukuphawulwa” kwendawo ethile. Kufaka phakathi ukuhlonza ukwendlaleka kwendawo ngokobubanzi kanye/noma ukuphakama kwendawo ethile, lapho kutholakala khona into ethile (isici, isimo, isimangaliso semvelo) kanye nokuchazwa nokuboniswa ebalazweni kwemikhawulo yokutholakala (noma yokusabalala) kwaleyonto. Lokhu kungaba yizinto ezihlukahlukene, njengabantu abakhuluma ulimi lwesigodi oluthile, noma izinhlobo ezithile zesitshalo esingavamile noma esiyivelakancane noma uhlobo oluthile lwesimbiwa. Lokhu kuyinto ebaluleke kakhulu kuJografi. Izazi zeJografi zihlaziya futhi zicubungule ukutholakala nokusabalala kwezinto ezithile noma kwezimo ezithile endaweni ethile. Imikhawulo yendawo okwenzeka kuyona into ethile iyahlonzwa bese iboniswa ebalazweni. Ngaleyo ndlela, kuchazwa ukutholakala nokusabalala kwesimangaliso semvelo esithile ezindaweni ezithile bese kuklanywa izindawo lapho sitholakala khona isimangaliso semvelo. Ziningi kakhulu izibonelo esingazibala lapha kodwa-ke sizohlinzeka ezimbalwa nje kuphela: amazwe ahlukaniswa yimingcele yamazwe ngamazwe; izifunda ezomisile zihlukaniswa ngemigqa yebalazwe ehlukanisa izindawo ezithola imvula efanayo (rainfall isohyets); izifunda ezicebile zihlukaniswa ngokubheka imali engenayo esifundeni noma umkhiqizo ophelele wezwe (GDP); izindawo eziqukethe indathane yezitshalo zemvelo nezilwane zihlukaniswa ngokubheka izinhlobo zezitshalo kanye nezilwane ezitholakala lapho; izindawo lapho kudlange khona ubugebengu edolobheni elithile zihlukaniswa ngokubheka inani lezigameko zobugebengu ezibikiwe kuleyo ndawo esikhathini esithile. Qaphela ukuthi zonke lezi zimo ezibalwe ngenhla zokusabalala kwento noma kwesimo esithile ziyachazwa futhi ziboniswe ngokusebenzisa amabalazwe. Ngakho-ke izazi zejografi ziyazihlukanisa izindawo ezichaza ukutholakala noma ukusabalala kwento ethile noma kwesimo esithile endaweni ethile. Kulezi zinsuku, idatha enjengalena ivamise ukugcinwa ezinhlelweni zolwazi lwejografi (GISs). (Bheka ama-“regions”.)