ukugawulwa nokucekelwa phansi kwamahlathi nezitshalo zemvelo — isiZulu

Isenzo sabantu sokugawula nokucekela phansi izitshalo ezizimilela ngokwemvelo endaweni ethile. Leli temu aliphathelene nje kuphela nezindawo ezingamahlathi, kodwa liphathelene nanoma iyiphi indawo yemvelo lapho kumila khona izitshalo ngokwemvelo. Indawo ethile ingacekeleka phansi futhi kuqothuke uhlaza lwayo ngenxa yezenzo zabantu, njengokuklabisa imfuyo ngokweqile, ukusetshenziswa kwaleyo ndawo ngokweqile noma ngendlela engafanele, ukusetshenziswa kwezindlela zokulima ezingalungile, ukusebenzisa umlilo ukushisa ukususa izitshalo endaweni okuzolinywa kuyona (okubizwa nge-slash-and-burn cultivation), imililo yequbula eyokheleke kungahlosiwe noma imililo yequbula eyokhelwe ngabomu, imikhankaso yezempi, kanye nokunye okuningi. Lezi zenzo zishiya umhlabathi ungambozekile futhi ngenxa yalokho-ke usala ungavikelekile ezinkingeni ezinjengokuguguleka kwenhlabathi (bheka i-“erosion”). Amanzi emvula avele azigelezele nje, adlule, phezu kwaleyo ndawo ecekelwe phansi ngoba phela zisuke sezisusiwe izitshalo ezingavimbela ukugeleza kwamanzi kalula. Ngenxa yokugeleza kwamanzi okuphakeme kuguguleka nomhlabathi ovundile. Uma zingasekho izihlahla notshani, umhlabathi upheshethwa kalula ngumoya. Ukugawulwa nokucekelwa phansi kwamahlathi nezitshalo zemvelo kuholela futhi ekutheni usheshe uguguleke umhlabathi futhi ekugcineni lokhu kubangela ukuqothuka okukhulu okwenza ulahleke wonke umhlabathi ovundile odingeka kakhulu ngoba phela yiwona olekelela amahlathi nezitshalo ukuthi kumile futhi kukhule. Izindawo eziqothukile yizindawo esezilahlekelwe ngamandla azo okukhiqiza izitshalo. Kuwo wonke amazwekazi (ngaphandle kwe-Antarctica) kunodedangendlale bomhlaba osuqothuke waze wafinyelela esimweni okukhulunywa ngaso lapha ngenhla. Lezi zifunda zibandakanya ama-tropical forests (amahlathi asezindaweni ezishisayo lapho kutholakala khona imvula eningi), izimfunda (grasslands), izindawo ezicishe zibe wugwadule (semi-deserts), izifunda zama-fynbos, izifunda ezinezintaba eziningi, lapho kutholakala khona imvula eningi, njengaseMpumalanga Koloni kanye naKwaZulu-Natali, eNingizimu Afrika. (Bheka i-“environmental degradation”.)