isiqalongqangi — isiZulu
Imininingwane yesiqalongqangi yiqoqo lezinhlanganandawo elicacisa izindawo ezivundlile (zemininingwane yesiqalongqangi esivundlile) noma izindawo ezime thwi (zemininingwane yesiqalongqangi esime thwi) emhlabathini. Le mininingwane yeziqalongqangi isetshenziswa ukunquma indawo emgqeni webalazwe nasemigqeni yomhlaba engabekwa ebalazweni kusetshenziswa okuthile okuvezwa yibalazwe. I-WGS84 iyimininingwane yesiqalongqangi ejwayelekile esetshenziswa kwinkombandlela (i-GPS). Amanye amabalazwe asebenzisa i-WGS84 njengemininingwane yesiqalongqangi eyinkomba.