CBD, isifunda sebhizinisi esiyinhloko — isiZulu

Lesi yisizinda esiyinhloko “esiwumongo womsebenzi webhizinisi” edolobheni, esibizwa futhi ngesifinyezo esithi “CBD”. Amadolobha amadala kakhulu emhlabeni athuthukiswa wukuhlala kwabantu endaweni okuqhutshwa kuyona kakhulu umsebenzi webhizinisi, ngokuthengiselana ngokushintshisana (bartering), ukuhweba, ukuxhumana nokuxoxisana, ukubamba imicimbi yezenkolo kanye nemfundo imbala. Kudala, i-CBD kwakuvamise ukuthi ibe yisizinda esisenkabeni yendawo esedolobheni futhi okuyisizinda esiqukethe izitolo ezinkulu, izinsizakalo ezihlinzekwa ngongoti nochwepheshe kanye namahhovisi. Lesi yisizinda esiyinhloko okuqhutshelwa kusona umsebenzi webhizini kanye nezikaqedisizungu nokungcebeleka, futhi yilapho kuphelela khona yonke imizila yezokuthutha. Wonke amabhizinisi athengisa impahla (bheka ama-“retail facilities”), izazi zemisebenzi yobungcweti (professional practitioners) kanye namahhovisi ezinkampani ezinkulu zamazwe ngamazwe zivamise ukutholakala ku-CBD, futhi ezokuthutha zenziwe ngendlela ehambelana nokuthutha kalula abantu abaya ku-CBD noma abasuka ku-CBD. Ngokwamamodeli adumile esimo sakudala sezindawo ezisemadolobheni (phakathi kwezinye okukhona kuzona abakwa-Burgess, Hoyt, Mann, nabakwa-Ullman and Harris) i-CBD itholakala endaweni ethile esenkabeni yedolobha noma bude buduze nenkaba yedolobha. Kuvamise ukuthi kubize imali eshisiwe ukuthenga noma ukuqasha umhlaba oku-CBD, okusho ukuthi, ubiza kakhulu uma uqhathaniswa nomhlaba okwenye ingxenye yedolobha. Amadolobha amaningi emazweni ahlukahlukene (ngenxa yezizathu ezinhlobonhlobo) aseguquke kakhulu kule minyaka edlule, ngokwesimo sokuhleleka kwezakhiwo nokuhlaliswa kwabantu. Amadolobha amaningi asekhule kakhulu kangangokuthi abantu kudingeka bahambe amabanga amade ngaphambi kokuthi bafinyelele ku-CBD endala (bheka i-“urbanisation” kanye nama-“transport problems”). Inkinga “yohambo oluya emsebenzini” kanye nesikhathi eside esichithwa ngabantu emgwaqeni sekuholele ukuthuthukisweni kwezinye izizinda ezisezingeni eliphezulu eziqukethe izitolo kanye nezindawo zokwenza ibhizinisi, ezinomhlaba nezakhiwo ezimba eqolo, kude nama-CBD amadala (bheka ama-“retail facilities”). Emadolobheni amadala amaningi, amabhizinisi eseqophelweni eliphezulu, abahlinzeki bezinsizakalo zobungcweti kanye nabahlinzeki bezikaqedisizungu abasazithandisisi kahIe izizinda ezingama-CBD, futhi kwezinye izizinda ezabe zingama-CBD phambilini sekugcwele imihambima nabantu abalala emgwaqeni, abathengisi bempahla abangahlelekile abathengisela eceleni komgwaqo, ubugebengu kanye neminye imikhuba emibi ephathelene kokuphulwa komthetho (bheka i-“refugee”). Emadolobheni amaningi emhlabeni wonke jikelele sekwenziwe izinhlelo zokuvuselela (noma i-gentrification) ama-CBD abesecekeleke phansi. Lo msebenzi wokuvuselelwa kwama-CBD ukuze abuyele esimweni sawo sakudala udinga izimali ezinkulu ezivela kuhulumeni nakwabomkhakha ozimele. Njengamanje i-CBD yedolobha laseGoli isohlelweni lokuvuselelwa, kodwa-ke luhamba kancane futhi luthanda ukuba ntekenteke impela.