amandla okumumatha — isiZulu

Leli yitemu elisetshenziswa emikhakheni ehlukahlukene yeJografi nokuphathwa kwemvelo; kodwa-ke leli temu aligcini emkhakheni owodwa nje kuphela. Esikhathini esiningi lisetshenziselwa ukubonisa inani lezitshalo nezilwanyazana ezingaphila endaweni ethile, okuyindawo enobukhulu obaziwayo (bheka i-“ukusimama” “sustainability” kanye ne-“sustainable development”). Leli temu lingasetshenziswa mayelana nokunqwabelana kwabantu endaweni ethile, noma mayelana nenani lezilwane zasendle (izinyamazane) noma izilwane zasekhaya ezifuyiwe (njengezinkomo, izimvu, amakameli noma izimbuzi) ezingagcinwa endaweni ethile ngaphandle kokusetshenziswa ngokweqile (bheka i-“exploitation”) kwemithombo yemvelo etholakala lapho (ikakhulukazi izitshalo namanzi). Uma kunezilwane eziningi ngokweqile edlelweni elithile, zibudla ngokweqile utshani nezitshalo ezitholakala lapho, okuholela ekutheni lokhu kuphele, futhi kucekeleke phansi nomhlaba wedlelo. Imbangela yalokhu wukusetshenziswa ngokweqile kwamadlelo, okuyinto enomthelela ongemuhle neze kuyo yonke imvelo etholakala lapho. Amandla amadlelo okumumatha nokuphilisa izilwane ezisebenzisa lawo madlelo, asemqoka kakhulu ekuphathweni kwamapulazi ezinyamazane kanye neziqiwu. Kumele silawulwe kahle isibalo sezinyamazane eziseziqiwini ngasinye ukuze kugwenywe ukusetshenziswa ngokweqile kwamandla esiqiwu okumumatha nokuphilisa izilwane, okungaholela ekutheni imvelo ikhahlamezeke kakhulu futhi kudaleke umonakalo ongeke neze usalungiseka. Eminyakeni embadlwana edlule ososayensi kanye nabaphathi besiqiwu i-Kruger National Park (KNP) babika ukuthi seliphakeme ngokweqile inani lezindlovu ezigcinwe e-KNP. Lokhu kugcwala ngokweqile kwezindlovu kubeka engcupheni yonke imvelo (izilwane nezitshalo) etholakala kulesi siqiwu. Kumele noma kanjani liphungulwe inani lezindlovu ezigcinwe e-KNP, kepha umbuzo omkhulu uthi, kanjani? Izinhlangano eziningi ezilwela ukuvikelwa kwamalungelo ezilwane kanye nezinhlangano ezilwisana nokubulawa kwezilwane emhlabeni jikelele (bheka i-“environmental lobby”) zikubona njengento engamukelekile neze ukubulawa kwezilwane ngenhloso yokunciphisa amanani azo futhi lezi zinhlangano ziyakweseka ukususwa kwalezo zilwane eseziningi ngokweqile zithunyelwe kwezinye izindawo. Kodwa-ke kungaba yinto enzima kakhulu ukuthumela kwenye indawo inani elikhulu lezindlovu. Ukube bekukhulunywa indaba yokuthi kumele kugudluzwe izindlovu eziyi-10 noma ngaphezudlwana kwalokho, bekungaba wumsebenzi ongeke ube nzima kakhulu, kodwa-ke i-KNP kumele isuse izindlovu ezibalelwa ezinkulungwaneni ezimbadlwana impela, okungeke neze kube yinto elula. Umuntu angazithwala azise kuphi nje izindlovu eziyizi-7 000? Njengamanje asikatholakali isixazululo sale nkinga. Itemu elithi “amandla okumumatha” livamisile futhi ukusetshenziswa uma kukhulunywa ngenani labavakashi okumele bavunyelwe ukungena esiqiwini esithile noma okumele bavunyelwe esikhathini esithile ukungena kuleso siqiwu (bheka i-“demarketing”). Lena yinkinga ephathelene nokuphathwa kweziqiwu okumele babhekane nayo futhi bazame ukuyixazulula bonke abaphathi beziqiwu. Lokhu kuyinkinga efanayo ebhekene nezindawo zamagugu ezakhiwe ngabantu lapho isibalo sabantu abavakashela lezo zindawo kanye nomoya oyisikhutha (CO2) okhishwa yilabo bantu kungenzeka kucekele phansi lezo zindawo kanye nezinto ezingamagugu ezigcinwe lapho, okuyizona eziheha abavakashi ukuthi beze bazozibona. Amathuna asemandulo ase-Rome angaphansi komhlaba ayindawo lapho amathambo nezingebhezi ezigcinwe lapho kumele kuvikelwe ukuze kungaboliswa yisikhutha esiningi ngokweqile esikhiqizwa yizindimbane zabavakashi abavakashela le ndawo. (Bheka i-“acid rain”.)