i-ekholoji yezindawo ezisemadolobheni — isiZulu

Inhlaliswanobudlelwano (interrelationships) phakathi kwezinto eziphilayo kanye nezinto ezingaphiliyo, ezitholakala ezindaweni ezisemadolobheni (bheka i-“ecology”). Njengoba kunezinto eziningi kangaka eziphilayo nezingaphiliyo ezitholakala edolobheni, inethiwekhi yokuxhumana phakathi kwalezi zinto iyinkimbinkimbi kakhulu (extremely complex). Kunzima ukucabanga ukuthi kungaba khona ukuxhumana phakathi kwezakhiwo ezimbili (esingazibiza ngesakhiwo A kanye no-B), kodwa-ke kukhona ngempela ukuxhumana okwenzekayo. Isakhiwo esisodwa kulezi ezimbili singaphazamisa umsebenzi wesinye; isibonelo, esisodwa kungenzeka sibe yindawo yokusebenzela enabasebenzi abaningi kangangokuthi ingqalasizinda iyahluleka ukwanelisa izidingo zabasebenzi ngendlela efanele, ngakho-ke abasebenzi abasebenza esakhiweni A bavamise ukufika emva kwesikhathi emsebenzini ngenxa yokuthi uhlelo lezithuthi zomphakathi luyahluleka ukuthutha ngendlela efanele abasebenzi abaningi abasebenza kwisakhiwo B. Futhi-ke zonke izinto ezakhiwe ngabantu kunoma yiliphi idolobha zixhumana ngendlela efana nalena echazwe ngenhla, yokuxhumana phakathi kwezakhiwo ezimbili. Ngaphezu kwalokho, izinto eziphilayo ezitholakala edolobheni (kubandakanya abantu, izilwane ezifuywe ekhaya kanye nezasendle) nazo ziyaxhumana futhi zinobudlelwano obuthile phakathi kwazo, futhi ziyaxhumana nezinto ezingaphiliyo ezitholakala kulelo dolobha. I-ekholoji yitemu elinomqondo oncike ezimweni ezithile futhi empeleni idolobha ngokwalo liyi-ekhosistimu (bheka i-“ecosystem”). Ukusimama kwe-ekhosistimu kuncike kwimijikelezo yebuyisambiko (bheka i-“feedback loop”). Kunemijikelezo yebuyisambiko eminingi futhi ehlukahlukene ezinhlelweni zezindawo ezisemadolobheni. Ngokufanayo nama-ekhosistimu emvelo, le mijikelezo yebuyisambiko isemqoka kakhulu. Uma kwenzeka iwohloka, isimo semvelo sedolobha lonke singaphazamiseka kakhulu futhi kugcine sekunesiphithiphithi nezinxakanxaka lapho kudlange khona izenzo ezingekho emthethweni, ubugebengu kanye nenkohlakalo. Bheka i-“gentrification”.)