inhlabathi ephezulu — isiZulu

Kusho iphansi lonqenqema lwenhlabathi nelivame ukuvunda kakhulu isikhathi esiningi futhi livame ukuhleleka kahle lona ukwedlula amanye amaphansi angaphansi kwalo. Iphansi leli kuyenzeka lingefani kuncike kwizinto eziningi ezahlukene kuhlanganisa nezimo zobuzali bezitshalo, indawo kanye nokuma okungaba ukwenyuka noma ukwehlela kwendawo elikuyo kodwa ngokujwayelekile nje alivamile ukuthi libe ukujula okungaphezu kuka-300 mm kusukela kwiphansi lemvelo. Incazelo efanele yomhlabathi ongaphezulu kufanele igxile kwikhemikhali yenhlabathi kanye nezinye izinto ezibambekayo.