ukusimama — isiZulu

Amandla okuqhubeka kohlelo isikhathi eside nakuba kukhona izimo eziluphazamisayo futhi okungenzeka zilucekele phansi. Kwezejografi, nakwezokuphathwa kwemvelo kanye nakumasayensi ahlobene nalokhu, leli temu lisetshenziswa ikakhulukazi mayelana nokusimama kwama-ekhosistimu kanye nokuba khona kwawo isikhathi eside (bheka i-“ecosystem”), nakuba ebekwe engcupheni yizinguquko ezibangelwa yimisebenzi yabantu noma ezizenzekela ngokwemvelo. Izinguquko zemvelo zenzeka ngesivinini esincane kakhulu, futhi lokho kunikeza izinto eziphila kwi-ekhosistimu ithuba lokuguqula isimo sazo ukuze simelane nezinguquko zemvelo ezenzekile, kodwa ngalokunye uhlangothi imisebenzi eyenziwa ngabantu yenzeka ngokushesha okukhulu, okwenza i-ekhosistimu ingakwazi ukuguquka ngendlela ezohambelana nalezo zinguquko ezisheshayo ezenzekile futhi umphumela walokho-ke wukubhidlika kwe-ekhosistimu. Kwezejografi kanye nakwezokuphathwa kwemvelo, kuyinto enzima kakhulu ukuhlukanisa phakathi komqondo wokusimama kanye nomqondo wentuthuko. Intuthuko esimeme iyona inhloso enkulu yezokuphathwa kwemvelo (bheka i-“sustainable development”).