SEA, ukuhlolwa kwemvelo ngobuqhinga — isiZulu

Ukukhathazeka ngesimo semvelo sekungenye yezinto ezihamba phambili ezigqugquzela ukuthathwa kwezinqumo ezingeni lamazwe ngamazwe, kuzwelonke kanye nasendaweni, kulo mhlaba wesimanje manje esiphila kuwona (bheka i-“greening mainstream politics”). Ngakho-ke, imvelo kufanele ibekwe eqhulwini kuzo zonke izinqubomgomo, imisebenzi yentuthuko emikhulu kanye nezinhlelo (PPPs) ezicutshungulwayo. (Qaphela: Ungaphambanisi isifinyezo esithi PPP esisetshenziselwa izinqubomgomo nezinhlelo, nesifinyezo esithi PPP esisetshenziselwa ubambiswano phakathi komkhakha kahulumeni nomkhakha ozimele. [Bheka ama-“public-private partnerships”.]) Empeleni, ukukhathazeka ngemvelo kumele kube yisisekelo sawo wonke ama-PPPs. Kumele ibhekelelwe futhi ibekwe eqhulwini imvelo, ngendlela efanayo okuqhakambiswa ngayo ezomnotho kanye nenhlalomasiko. Lokhu kubizwa nge-“triple bottomlining” futhi kuchaza ukuthi inqubomgomo yentuthuko kumele isimame ngokwezemnotho, ngokwenhlalomasiko nangokwemvelo, futhi namuhla kuyinto ephoqelekile futhi engeke neze igwemeke ukuthi ukuhlelwa kwemisebenzi yethuthuko nokuhlinzekwa kwezimvume kumele kuqalise ukusebenza kwezinqubomgomo kanye nezinhlelo. I-SEA ibanzi kakhulu futhi ayibandakanyi imininingwane ejulile yanoma yimuphi umklamo wentuthuko (njengokuphathwa kwemfucuza endaweni eyisizinda samagugu omhlaba), kodwa iyazivikela izidingo zokubhekelelwa kwemvelo ngenkathi kwenziwa amasu kazwelonke ezomnotho (njengesu le-NEPAD eNingizimu Afrika). I-SEA ingena ngaphansi kwalokho okubizwa “ngesizukulwane sesibili” (“second generation”) sokuphathwa kwemvelo, futhi akuwona wonke amazwe omhlaba ayisebenzisayo, ngisho namazwe asethuthukile imbala, futhi ayikho neze eqhulwini emazweni asathuthuka, kubandakanya neNingizimu Afrika. Amasu nezinqubumgomo zezomnotho zikazwelonke kanye nezezifunda eNingizimu Afrika kumele kuhlinzekele noma kubhekelele izizinda zamagugu, futhi izizinda ezinjengalezo kumele zibe yingxenye eyisisekelo sazo zonke izinhlelo zentuthuko. Umsebenzi wokuhlela oqondene nengxenye esenyakatho-ntshonalanga ye-Gauteng kumele wenziwe ngokubeka eqhulwini i-Cradle of Humankind world heritage site, futhi amasu nezinhlelo zentuthuko engxenyeni esenyakatho yesifundazwe sase-Limpopo kumele kwenziwe ngokubeka eqhulwini i-Mapungubwe world heritage site. Esikhathini sokuhlanganiswa kwalo mbhalo, bekunomklamo omkhulukazi wokusungulwa kwemayini osubeke engcupheni i-Mapungubwe site, futhi njengoba iNingizimu Afrika ingenalo isikompilo lokuphoqelela i-SEA, eminye yemisebenzi yezimayini ihlinzekwe ngemvume ngaphansi komthetho we-NEMA (bheka i-“environmental management”) futhi izishoshovu ezingabavikeli bemvelo kanye nama-NGO abhekene nempi enzima impela, ayiqhuba egameni lezinto ezingamagugu ezakhiwe ngabantu noma ezitholakala ngokwemvelo ezilondoloziwe kulesi sifunda. Into exakayo ngalokhu wukuthi iNingizimu Afrika yilizwe lokuqala ngqa wemhlabeni jikelele ukufaka isidingo sokubhekelelwa ngokuvikelwa kwemvelo kuMthethosisekelo walo, uMthetho ongunombolo 108 we-1996, okuyinto echaza ukuthi kahle-kahle i-SEA kumele ibe yisisekelo sanoma yiluphi uhlobo kwentuthuko yezomnotho. Mhlawumbe njengamanje ezokuphathwa kwemvelo sezifinyelele esigabeni sokuvuthwa ngokwanele lapho sizobona khona ukusetshenziswa kwe-SEA ngendlela efanelekile. Umklamo osudale impikiswano enkulu wokumbiwa kwamalahle enyakatho nentaba i-Soutpansberg e-Limpopo usudale isimo esikubeka engcupheni enkulu ezokulima, umkhathimpilo (biosphere) wase-Vhembe, imiphakathi yomdabu ethile, iziqiwu nezikhungo zokuvakasha, kanye nokuphakelwa kwamanzi kulesiya sifunda. Kunombango omkhulu oqhubekayo njengamanje ophathelene namalungelo okumba amalahle kanye nemisebenzi ehlobene nalokho kulesi sifunda, okuwumbango ophakathi kwemayini yamalahle eyodwa kanye neminyango kahulumeni ehlukahlukene, izinhlangano zokulondolozwa kwemvelo zasendaweni, izinhlangano zomphakathi, amaqembu ababambiqhaza nabantu abathintekayo, izinhlangano zabalimi abahlelekile kanye nemiphakathi yomdabu. Kubonakala sengathi yinye kuphela into engaxazulula isimo sikangqingetshe okubhekenwe naso kuleya ndawo, okuwukuhlolwa kwemvelo ngokuphelele, futhi sesifakiwe isicelo esisemthethweni sokuba sihlolwe ngokuphelele sonke lesiya sifunda. Le SEA kuzoba ngeyokuqala ngqa ukwenziwa eNingizimu Afrika. Kuyinto exakayo impela ukuthi kusetshenziswa i-SEA ukuxazulula lolu daba olubucayi kangaka, ngoba phela kufanele ngabe yenziwa ngaphambi kokukhishwa kwamalungelo okumba amalahle, futhi ukuba kwenziwa lokho ngabe sagwemeka lesi simo esiqhubekayo sokubhekana ngeziqu zamehlo.