izikhungo zokuthengisa — isiZulu

Izindawo kanye/noma amathuba okuthi abantu abathengisayo kanye nabantu abathengayo bathengiselane ngokushintshiselana ngemali nezimpahla ezincane noma izinsizakalo. Kusukela kudala ezikhathini zasemandulo, abantu basaqhubeka nokuhwebelana. Kunezindlela ezihlukahlukene zohwebo oluncane: bangashintshiselana ngezimpahla (Ngizokunika inkukhu wena unginike ibhodlela loju lwezinyosi); izimpahla zingashintshaniswa nezinsizakalo noma usizo oluthile (Ngingakulekelela ngenkathi ukha ama-aphula engadini yakho bese wena ungipha ingxenye yesivuno sakho njengenkokhelo yami), izimpahla zingathengiswa ngemali (Inkomo yakho ngingayithenga ngesamba semali esizovumelana ngaso), njalo njalo. Lokhu kuhwebelana kwenzeka noma kuphi, okungaba yiseceleni komgwaqo, ekhoneni lomgwaqo noma endaweni edumile eyimakethe okuthengiselwana kuyona, noma isitolo somndeni (i-spaza, okuyisitolo somuntu oyedwa noma somndeni futhi esithengisa izimpahla ezithile kuphela), noma esifundeni sebhizinisi esiyinhloko (CBD) (bheka i-“central business district”) sedolobha. Emadolobheni asemandulo, izindawo zokuhweba ezinjalo yizona ezaziyingxenye enkulu ye-CBD. Uma umuntu efuna ukuthenga noma ukuthengisa into ethile wayevakashela i-CBD. Kule minyaka edlule sekutshintshe kakhulu impela ukuthenga nokuthengiselana, kodwa lezi zindlela zakudala zisekhona emikhakheni ethile, ikakhulukazi emazweni asathuthuka, kodwa futhi zisekhona nasemazweni asethuthukile, nakuba impahla okuthengiselwana ngayo isishitshe kakhulu futhi sekungeyesimanjemanje. Ingqalasizinda edingekayo yokuthengiselana isingeyesimanjemanje futhi namuhla abathengisi abaningi sebedayisela ezitolo ezihlelekile, ezakhiweni ezakhelwe umsebenzi wokuthengisa; izitolo (abathengisi) manje sezinamakheli ebhizinisi aqondile ezisebenzela kuwona. Abathengisi bathenga izimpahla ngobuningi kuma-wholesalers bese bezithengisa kubathengi ngentengo ephakeme ezitolo zabo ezisakhiweni esithile lapho bethengisela khona unomphela. Umthengi manje kumele akhokhe intengo ephakeme ngoba phela umthengisi ukhokhe imali eshisiwe ukuqasha isakhiwo leso asebenzela kusona, ngalokho-ke izindleko zokuqhuba ibhizinisi ziphakeme kakhulu uma kuqhathaniswa nesizinda semakethe engahlelekile okuthengiselwana kusona. Umthengi ukhokha imali ethanda ukuphakama kancane (noma-ke ephakeme kakhulu) ngoba phela useyakwazi ukuthola izimpahla azidingayo kalula esitolo esiseduze naye. Emadolobheni amaningi esimanjemanje i-CBD ayiseyona indawo eyinhloko okuqhutshwa kuyona umsebenzi wokuthengiselana, futhi ukuthengiselana sekwenzelwa ikakhulukazi ezikhungweni ezingaphandle (njengama-malls kanye nama-shopping centres). Uma abantu befuna ukuthenga izimpahla ezijwayelekile, zansuku zonke sebencamela ukuya ku-shopping centre eseduzane kunohamba ibanga elide beya e-CBD. Ngenxa yalokhu kuguquka kwendawo okutholakala kuyona izikhungo zokuthengisa, ama-CBD amaningi aseyizinda ezinganakiwe futhi eziwohlokile (bheka i-“central business district” kanye ne-“gentrification”) lapho kuthengiselwana khona ngendlela engekho emthethweni, futhi kwenziwa neminye imikhuba emibi ehambisana nokuphulwa komthetho. Isibonelo, kulula ukuthenga i-crack-cocaine kanye nokuthenga umqwayizi othengisa ngomzimba endaweni eyi-CBD yakudala, uma kuqhathaniswa ne-mall kanokusho etholakala engxenyeni entsha yedolobha. Imizamo esemthethweni “yokukhuculula”, nokuvuselela izindawo ezindala ezingama-CBD (bheka i-“gentrification”) kungenzeka esikhathini esizayo zibuyisele izikhungo zokuthengisa ezinkulu ema-CBD, kodwa-ke akufanele sizithembise kakhulu ukuthi lokho kuzokwenzeka ngempela! Ngaphandle kwalokho, irenti ivamise ukuba phezulu kakhulu kuma-CBD avuselelwe kabusha, ngakho-ke kuzodingeka ukuthi abathengi bakhokhe imali engaphezulu kwaleyo ababeyikhokha esikhathini esedlule. Futhi-ke emazweni asathuthuka akekho ongathanda ukulahlelekwa yilama-spaza shops athe chithi saka yonke indawo!