ukuphefumula — isiZulu

Lolu wuhlelo lapho khona izinto eziphilayo zifaka umoya we-oksijini ngaphakathi kuzo ziwuthatha ezintweni ezakhelene nazo bese zikhiphela ngaphandle umoya ongcolile okuyi-carbon dioxide. Kwizilwane eziphila emhlabeni noma ngaphandle kwamanzi lesi simo sibuye siphazanyiswe umoya wokuphefumula (ukuphefumula kwangaphandle). FUTHI Lokhu kusho ukukhekeka kwezinto ezingxubevange eziqinile emzimbeni ezifana namakhabhohayifreyithi kanye namafutha, nokwenzeka kumaseli kanye nakwizicubu zezilwane kanye nezitshalo, nokuyaye kube yisona sikhathi sokukhululwa kwamandla bese kukhiqizeka umoya i-carbon dioxide (ukuphefumula kwangaphakathi).