izinsiza — isiZulu

Umqondo "wezinsiza" ungasetshenziswa cishe kunoma yimuphi umkhakha wocwaningo, okuholela ekuchazeni okuhlukahlukene kwaleli gama, kuye ngokuthi lisetshenziswe kanjani engqikithini. Esifundweni seZezwe, izinsiza zingachazwa njengalezo zinto zemvelo ezidingekayo futhi eziwusizo esintwini. Izinto ezibaluleke kakhulu ezihlukanisayo ukuthi izinsiza kufanele zibe ngokwemvelo, kufanele zisetshenziswe futhi zidinga ukubonwa ngumphakathi ukuze zibe usizo ekusekeleni inhlalakahle yawo yezomnotho kanye nezinto ezibonakalayo. Izazi zesifundo seZezwe ziyaqonda ukuthi "izinsiza" wumqondo wamasiko nokuthi izinto zemvelo zithathwa njengezinsiza kuphela uma abantu bebona ukubaluleka kwazo. Lesi sici siyehluka ngokwesiko nesiko nangokuhamba kwesikhathi. Ukusatshalaliswa kwezinsiza kuyehluka ngokwendawo ngokwemibandela yobuningi kanye nekhwalithi emhlabeni wonke. Ukwengeza, ezinye izinsiza zinomkhawulo futhi zingasetshenziswa zonke (azivuseleleki), kuyilapho ezinye zingagcwaliswa ngamanani ahlukahlukene (ziyavuseleleka). Bona “I-commodification”, “izinsiza zemvelo”, “Ukuxhashazwa kwemvelo”, “Iziphehlamandla ezimbiwa phansi”, “Umgomo wokuqaphela nokucophelela”, “Ukuphathwa nokulawulwa kwemithombo ewusizo”, “Ukuvuselela nokusebenzisa kabusha”, “Amandla avuselelekayo”, “Ukuguguleka kwenhlabathi”, “Imithombo yezokuvaka sha” kanye “Amaxhaphozi”.