umgomo wokuqaphela nokucophelela — isiZulu

Ayikho incazelo eqondile yaleli temu. Liyitemu okumele balisebenzise ngokucophelela okukhulu ososayensi. Empeleni, liwumuzwa ozifikela ngokwawo, wokucophelela noma wokungabaza noma wokuba nokungaqiniseki kahle, osukela kukho khokubili umgomo wokuziphatha othile kanye nobufakazi obuningi obuphathekayo noma obubonakala ngamehlo (empirical evidence). Umgomo wokuqaphela nokucophelela ngomunye wemigomo eyisisekelo yomkhakha wezokuphathwa kwemvelo wonkana, okuwumkhakha onemikhakha eminingi futhi ehlukahlukene ngaphansi kwawo. Umgomo wokuziphatha oyingxenye enkulu yokuphathwa kwemvelo kwesimanjemanje, wukuthi akumele neze senze noma yini ezodala umonakalo wemvelo ongeke usalungiseka, noma siguqule, noma sicekele phansi ifa lemvelo esiyolishiyela izizukulwane zangomuso, futhi kumele sizame ukusebenzisa imithombo yemvelo ngendlela esimeme (bheka i-“sustainability”, “ecocentrism” kanye ne-“environmentalist”). Lo mgomo wokuziphatha wehlukile emigomweni yokuziphatha ephathelene nemvelo eyabe ikhona noma eyabe isetshenziswa ngezikhathi ezithile emlandweni wesintu. Ngesikhathi se-Industrial Revolution (bheka i-“Industrial Revolution”), imvelo yayithathwa njengento ewumthombo wokuhlinzeka izidingo zabantu nje kuphela, futhi yamukele zonke izinto esingasazidingi. Ukusimama kwama-ekhosistimu kanye nokusetshenziswa kwezinsiza zemvelo ngendlela esimeme kwakungeyona neze into eyingxenye yalowo mgomo wokuziphatha. Ubufakazi obuphathekayo babonisa, ngokuhamba kwesikhathi, ukuthi abantu babeyikhahlameze kangakanani imvelo futhi babonisa umonakalo ongeke usalungiseka kanye nokucekelwa phansi kwemvelo okungumphumela wezenzo zabantu. Ngaleso sikhathi (cishe eminyakeni yawo-1950 kuya ekuqaleni kweminyaka yawo-1960) kwazalwa uMbutho Wokuvikelwa Nokulondolozwa Kwemvelo, futhi lo mbutho wakhula ngamandla nomfutho omkhulu (bheka i-“environmentalist” kanye ne-“ecocentrism”). Emva kwamashuminyaka amathathu noma amane, imvelo sekuyinto ebekwe eqhulwini kubantu ukuze kulawulwe izenzo nemisebenzi yethu (bheka i-“ecocentrism” kanye ne-“greening mainstream politics”) – okuyindlela yokuziphatha ehluke kakhulu, ethathe indawo yomgomo wokuziphatha wesikhathi esedlule, lapho imvelo yayisetshenziswa ngendlela engenankathalo futhi ingagcizeleli ukusetshenziswa kwezinsiza zemvelo ngendlela esimeme. Ngokususela kumgomo wokuqaphela nokucophelela, sesithuthukise izinhlelo eziphuma phambili zesimanjemanje zokucophelela okugunyaziwe (institutional caution) okuzolawula izenzo zabantu futhi kuvikele ukonakala kwemvelo ngendlela engeke isalungiseka. Ngenxa yokuba khona komgomo wokuqaphela nokucophelela, manje sesiyakwazi ukuphatha imvelo ngendlela esenza sicabange futhi sibhekisise izenzo zethu kanye nomthelela ezingaba nawo kwimvelo ngaphambi kokuba siqalise noma yimuphi umsebenzi obandakanya imvelo, futhi inhloso yethu wukugwema ukucekeleka phansi kwemvelo, esikhundleni sokuvuselela imvelo esicekeleke phansi – ngoba phela isisho sithi kushibhile ukuvimbela kunokwelapha! Yakhelwe phezu komgomo wokuqaphela nokucophelela inqubo yokuphathwa kwemvelo yokubikezela nokuvimbela isimo ngaphambi kokuba senzeke. Ukuphathwa kwemvelo kwakhelwe phezu kwenjongo yokuvimbela, esikhundleni sokuthatha izinyathelo kuphela emva kokuba sekwenzeke umthelela wemvelo omubi noma ongathandeki.