ukukhula kwenani lezinto zemvelo — isiZulu
Ukukhula kwenani lezinto zemvelo zeqembu elithile elichazekayo. Ngokwezibalo namanani, umphakathi wezinto ezithokala endaweni ethile, ubandakanya izinto ezingaphili (njengezimoto) noma izinto eziphilayo (njengezindlovu noma izimpukane ezidla izithelo) (bheka “population density”). Njengoba iJografi iphathelene kakhulu nobudlelwano ngokwendawo phakathi kwabantu nemvelo abaphila kuyona, sivamise ukucabanga ngabantu uma sibona itemu elithi “population”. Inani labantu beqembu elithile abahlala endaweni ethile echaziwe, kungenzeka likhuphuke ngenxa yokufuduka kwabantu (bheka i-“migration”), noma ngenxa yokuzalwa kwabantu abasha. Ukufuduka kwabantu kubizwa ngokukhula ngokwemvelo kwenani lomphakathi wabantu abaphila endaweni ethile, futhi imiphakathi ehlukahlukene ikhula ngokwamazinga ahlukahlukene (bheka i-“fertility”). Kwamanye amadolobha, amazwe, izifunda noma izizwe kuzalwa abantu (izingane) abaningi uma kuqhathaniswa nakwamanye amazwe, ngenxa yalokho-ke izinga lokhula ngokwemvelo kwenani labantu emphakathini oshiwo kuqala liphakeme kunenani leminye imiphakathi. Njengoba imiphakathi yabantu abaphila endaweni ethile ihlukile kakhulu ngokobungakho bomphakathi kanye nezici zobunjalo bomphakathi, kunzima ukuqhathanisa nokwenza imibono esekelwa wubufakazi bezesayensi mayelana nezinga lokukhula kwenani labantu abahlala emiphakathini ehlukene kakhulu. Ukuze kunqotshwe le nkinga, kusetshenziswa izibalo nezinkomba ezimisiwe ukubonisa izingakukhula lenani labantu. Izingakuzala lemvelo elingakahlungwa (inani loqobo lezingane ezizalwayo emphakathini ngamunye wabantu abayi-1 000) ngenye yezindlela zalolo hlobo zokubala inani labantu, futhi cishe iyona ndlela esetshenziswa kakhulu ukubonisa izingakukhula kwenani labantu. Izingakukhula lenani labantu ngonyaka ngenye indlela esetshenziswayo, kodwa-ke yona ibandakanya nabantu abadabuka kwamanye amazwe. Kunezinye izindlela zokubala ezingasetshenziselwa ukuchaza izinga lokukhula kwenani labantu, ngakho-ke kumele sikhethe ngokucophelela leyo ndlela yokubala noma inkomba efaneleke kakhulu esizoyisebenzisa ukubonisa izinga lokukhula kwenani labantu. Kunezinto eziningi futhi ezihlukahlukene ezingaba nomthelela kwizinga lokukhula kwenani labantu: isiko, inkolo, isimo sempilo, izikhungo nezinsizakalo zosizo lokwelashwa, izinyathelo zikahulumeni kanye nemithetho ephathelene nenani lezingane okumele litholwe ngabantu ababili abashadile, izimo zezimali, ukufuduka kwabantu, ukungabi khona kozinzo lwezepolitiki ngaphakathi ezweni (bheka i-“political instability” kanye ne-“malnutrition”), izimpi, izifo, kanye nokunye okuningi. Amazwe amaningi ase-Afrika anamazingakuzala aphezulu ngonyaka, kodwa-ke ngenxa yezimo ezibalwe ngenhla kungenzeka ukuthi izingakukhula labantu libe phansi kakhulu (bheka i-“fertility”). Uma liphakeme inani labantu abathuthayo endaweni ethile uma kuqhathaniswa nenani labantu abazalwayo noma abantu abafudukela kuleyo ndawo, izingakukhula labantu kungenzeka libonise ukushoda kwabantu. Amanye amazwe ase-Western European (isib. Norway, Sweden, Denmark kanye ne-France) ne-Russia, anamazingakukhula abonisa ukushoda kwabantu futhi ayancipha impela amanani abantu kulawa mazwe! I-United States of America ihlala iyisibonelo esixakayo futhi esimangalisayo impela ngoba iyizwe elinezingakukhula kwabantu eliphakeme: izinga lokukhula ngokwemvelo komphakathi wabantu liphansi e-USA, kodwa inezikhungo nezinsizakalo zosizo lokwelashwa eziseqophelweni eliphezulu, ayikho indlala kanye nezifo ezingalawuleki, bonke abantu banokudla okungaphezulu kwalokho abakudingayo, inkomba yentuthuko yabantu (HDI) iphakeme impela, njalo njalo, kodwa isizathu esenza ukuthi i-USA ibe nezingakukhula kwabantu lonyaka eliphakeme kunawo wonke emhlabeni yizindimbane zabantu abafudukela kuleliya lizwe, abavela kwamanye amazwe emhlabeni jikelele. Ngakho-ke ngenkathi amanye amazwe ase-Western Europe kanye ne-Russia ebonisa ukwehla kwamanani abantu abahlala kulawo mazwe, i-USA yona ibhekene nengwadla yesibalo sabantu esikhula ngamandla!