ubuningi bezinto zemvelo endaweni ethile — isiZulu

Inani lezinto zemvelo ezitholakala engxenyeni ethile yomhlaba, eliboniswa ngaloku hlobo: izinto zemvelo eziphilayo eziyinani elingu “x” zitholakala endaweni engama-square kilometre (noma amamitha noma amamayela) angu “y”. Le nkomba ingasebenza futhi mayelana nobuningi babantu, izilwane, izinambuzane noma amagciwane noma okunye okungeyona into ephilayo. Ngaphansi kwalesi simo-ke itemu elithi “population” lisetshenziselwa ukwenza izibalo zokukala ubuningi, okusho ukuthi lisho noma iyiphi into yemvelo okuqondiswe kuyona. KuJografi kanye nakuwo wonke amanye amasayensi ezemvelo, leli temu elithi “population” livamise ukusetshenziswa maqondana nabantu, kodwa-ke lokho akuhlali kunjalo ngaso sonke isikhathi, njengoba kwesinye isikhathi lingasetshenziswa maqondana nenani lezitolo, izikole, izihlahla, izilwane ezincelisayo, izilwane ezihuquzelayo noma amagciwane. Ngakho-ke, umqondo ophelele ophathelene naleli temu uhlobene nezibalo namanani. KuJografi, esikhathini esiningi ungathatha ngokuthi ubuningi bezinto zemvelo endaweni ethile buphathelene nabantu, kodwa-ke lokho akuhlali kunjalo ngaso sonke isikhathi. Isimo esilula nje esiqhathanisekayo sokuchaza leli temu wukusebenzisa inani labantu abahlala endaweni ethile echaziwe. Endaweni eyimijondolo kwelase-India ungathola ukuthi abantu abayizi-700 000 noma ngaphezulu bahlala kwindawana elingana ne-square kilometre somhlaba esisodwa. Inani labantu abahlala lapho liphakeme kakhulu ngoba kunomhlaba ongaphansi kakhulu kwe-square kilometre esisodwa okumele kuhlale kuwona bonke abantu bakuleyo ndawo. Ngakolunye uhlangothi, e-Sahara Desert, emhlabeni ongama-square kilometre amaningi kuhlala abantu abangaphansi komuntu oyedwa. Inani labantu abahlala endaweni ethile esedolobheni lihlala liphakeme njalo uma liqhathaniswa nenani labantu abahlala ezindaweni zasemakhaya, ezakhelene nalelo dolobha.