ukuhlukana phakathi ngokwemibono — isiZulu

Amaqembu anombono ofanayo mayelana nodaba oluthile olusemqoka asebenza ngokubambisana futhi akhe inguyazana eshabashekela udaba lolo, ukuze akwazi ukuphikisana ngomdlandla omkhulu nalawo maqembu anombono ohlukile kowabo. Emibuthanweni yamazwe ngamazwe ethanyelwe ngamaqembu anezimfuno ezihlukahlukene, kuyinto engenakugwemeka neze ukuhlukana phakathi kwamaqembu ngokwemibono. Kungakhathalekile ukuthi kudingidwa izindaba eziphathelene nezepolitiki, ezomnotho noma ezemvelo, kuyiqiniso elimsulwa ukuthi ngeke bonke ababambiqhaza babe nombono ofanayo. Iqembu ngalinye libeka izimfuno zalo eqhulwini futhi lizame ukuzivikela, futhi lihlanganyele namanye amaqembu anombono osondelene kakhulu nowalo. Ngenxa yalokho-ke nakanjani umbuthano ugcina usuhlukene phakathi ngokwemibono, bese kuba namaqembu amabili noma ngaphezulu amakhulu adlana imilala, ephikisana ngodaba oluthile olusezithebeni zomhlangano. Ngaphansi kwesimo sezepolitiki noma sezemvelo, kungenzeka ukuthi amaqembu anemibono ehambelanayo asayine izivumelwano ezisemthethweni. Ezinye zalezi zivumelwano kuyenzeka ziqhubeke iminyaka ngeminyaka futhi zingaqhubeka zisebenze ngisho emva kwezimpi, noma emva kwezigameko zobushokobezi nokuhlaselwa yizitha. Isibonelo esihle kakhulu salokhu ngamazwe ayengaphansi kombimbi lwama-Allied Forces ngesikhathi seMpi Yesibili Yomhlaba ayembambene ngezihluthu namazwe ombimbi lwama-Axis States, kepha into eyenzeka lapho wukuthi emva kwempi baguquka ubuhlobo bamazwe, futhi kwaqala ubutha obusha nenzondo phakathi kwamazwe athile okwaholela empini yomshoshaphansi eyabe ibizwa nge-Cold War, eyadonsa iminyaka engama-40. INhlangano Yamazwe ase-Afrika, edabuka kwi-Organisation for African Unity ayikahlakazeki futhi iyakwazi ukuqhubeka nomsebenzi wayo nakuba sekube nezimpi eziningana phakathi kwamazwe angamalungu ayo, kodwa-ke kuze kube manje zihlulekile zombili lezi zinhlangano ukuletha ukuthula nentuthuko enohlonze e-Afrika. Njengoba ezepolitiki nezomnotho zivamise ukuxhumana, ukuhlukana phakathi ngokwemibono kwezepolitiki nakwezomnotho nakho kunokuxhumana okuthile. Abanye ababhali babona umhlaba njengendawo ehlukene phakathi ngokwamazwe asethuthukile kwezomnotho kanye namazwe asathuthuka kwezomnotho (noma amazwe angakathuthuki) (bheka i-“economic development”, “developed North” kanye nama-“developing states”). Kodwa-ke, kulezi zinsuku amazwe avelele kwezomnotho ngamazwe azibiza nge-Group of Eight, namazwe asathuthuka kanye namazwe ombimbi lwe-BRICS (bheka i-“economic development”, “developed states” kanye nama-“developing nations”). Emkhakheni wezemvelo, ukuhlukana phakathi ngokwemibono kuyinto evamile impela, kodwa leyo mibono ivamise ukungabi nezimpande eziqinile, futhi ihambisana nobugovu bogombela kwesabo, futhi iyaguquguquka. Amanye amazwe kuyenzeka abambane ngezandla futhi avumelane ngazwi linye emhlanganweni othile we-Cites (bheka ama-“international conventions”) lapho ephikisana khona nawo wonke amanye amazwe, ukuze akwazi ukudayisa inqwaba yamazinyo endlovu nezimpondo zobhejane ezigciniwe kulawo mazwe, kodwa emhlanganweni olandelayo we-Cites kube yiwona futhi lawo mazwe asephikisana nento efanayo abeyilwela emhlanganweni odlule. Engqungqutheleni ebizwa nge-“Earth Summit” (bheka i-“environmental justice”) amazwe asathuthuka (ahlwempu) kanye namazwe asethuthukile (acebile) aphikisana kakhulu futhi abonisa ukuhlukana phakathi kwemibono ngendlela eyabe ingalindelekile neze mayelana nokuziphatha kwamazwe kwezemvelo nokungcoliseka komoya. Kodwa-ke esikhathini esiningi, ukuhlukana phakathi kwemibono yamazwe mayelana nezemvelo kuvamise ukubonisa ubuphixiphixi bemibono yamazwe, ubuqili, kanye nokugxila kwamazwe ezindabeni ezithile ezidala impikiswano.