pH — isiZulu

Lesi yisilinganiso esichaza ubumuncu bomhlabathi. Isilinganiso esingu-pH 7 sithathwa ngokuthi singesiphakathi nendawo. Imihlabathi emuncu iba nesilinganiso esingaphansi kuka-7. Iningi lezitshalo ziqoma isilinganiso se-pH esiphakathi kuka-6 no-7. Ezinye izitshalo, ezibizwa lezo ezithanda i-esidi (okuyilezi i-azalea, camellia, citrus), zemukela isilnganiso se-pH esiphakathi kuka-5 no-7. Isilinganiso se-pH sibalulekile ngoba izitshalo aziwuthandi umhlabathi one-esidi eningi noma ubumuncu kakhulu. Isilinganiso se-pH singaguqulwa ngokusebenzisa izinguquko.