i-aquaculture — isiZulu

Ukulinywa kwezitshalo eziphila emanzini nokufuywa kwezilwane zasemanzini. Lokhu kubandakanya nokudotshwa kwezinhlanzi olwandle ngenhloso yokuthengisa ezimakethe ezinkulu. I-aquaculture ichaza ukulinywa nokufunywa (ukuzalaniswa nokuphakelwa) kwezilwane nezitshalo eziphila olwandle noma eziphila emifuleni, zize zikhule ngokwanene futhi emva kwalokho bese zithengiswa ezimakethe. Lokhu kubandakanya izinhlobo ezihlukahlukene zezinhlanzi, ama-crustaceans (njengama-shrimps kanye nama-prawns), iminenke (njengama-mussels nama-oysters) kanye nezitshalo ezinjengama-edible waterlilies (aziwa eNingizimu Afrika ngegama lesiBhunu elithi “waterblommetjies”), ukhula lwasolwandle (seaweed) kanye nezinye izitshalo okukholakala ukuthi zingaba wusizo kwezokwelapha noma kwezolimo (okusho ukuthi zingatshenziswa njengomanyolo). I-aquaculture ingenziwa amadanyini noma emachibini amanzi okuzenzela (okusho ukuthi enziwe ngabantu) kanye nasezingxenyeni zolwandle noma zemifula ekhona njengamanje ezibiyelwe. Izitshalo nezilwanyana ezilinywa noma zifuywe emanzini omfula, okusho, amanzi angenawo usawoti, zifuywe ikakhulukazi emachibini okuzakhela (artificial) njengama-trout farms ezifundeni ezipholile zaseNingizimu Afrika, njengasesifundazweni saseMpumalanga, futhi lokhu kuyenziwa nasezweni lase-Lesotho. Ama-oysters, mussels, shrimps kanye nama-prawns alinywa ikakhulukazi ezindaweni ezibiyeliwe zezingxenye zolwandle ezinamanzi angashoni kakhulu phansi, njengama-oyster beds (obhasikidi abaklelisiwe) afuywa e-Knysna lagoon. I-aquaculture yimboni eyaqala emandulo, ngaphambi kwezikhathi zoMbuso wamaRoma futhi seyiqhutshwe amakhulu-khulu noma izinkulungwane ngezinkulungwane zeminyaka kwelase-China, India, Japan, South-East Asia, South America kanye nase-Europe. Umthamo nobukhulu bomkhiqizo we-aquaculture ulokhu ukhule njalo kusukela ngeminyaka yawo-1950, kepha-ke kuyangabazeka ukuthi le mboni iyokwazi ukukhula idlule umkhakha wokudoba ngenhloso yokuthengisa ezimakethe (commercial fishing) njengomthombo wokudla. Ukuzalanisa uhlobo lwenhlanzi olubizwa nge-purely decorative koi fish kanye nokulima ama-oysters ngenhloso yokukhiqiza ama-cultured pearls, kwesinye isikhathi kubizwa nge-aquaculture kodwa futhi ngesinye kuyenzeka kungabizwa nge-aquaculture. U-Crayfish awufuywa emabhizinisini e-aquaculture, ngenxa yokuthi imizamo yokwenza lokhu ayikabonisi ukuba yimpumelelo ephathekayo futhi u-crayfish ukhula ngesivinini esiphansi kakhulu okwenza kube nongabazane mayelana nokuthi lo msebenzi ungaba nayo yini inzuzo noma cha.