land-use, ukusetshenziswa komhlaba — isiZulu

Noma iyiphi inhloso yokusetshenziswa komhlaba ukufezekisa izidingo yabantu. Zimbili izinhlobo zokusetshenziswa komhlaba ezihlonziwe, okusho, ukusetshenziswa komhlaba ezindaweni zasemakhaya kanye nokusetshenziswa komhlaba ezindaweni zasemadolobheni. Ukusetshenziswa komhlaba ezindaweni zasemakhaya kubandakanya ezolimo, okusho, ukufuywa kwemfuyo kanye/noma ukulinywa kwezitshalo, kanye nezokungcebeleka, okwenzeka ngezindlela ezihlukahlukene, njengokuqwala izintaba nokuhamba ngezinyawo ehlane, ukushushuluza emanzini noma eqhweni (skiing), ukuhamba ngamabhayisikili, izinkambo zokuya endle ukuyobuka izinto zemvelo noma ukuyozingela (safaris), ukubukela izinyamazane, ukubukela izinyoni, uvakashelomvelo (ecotourism), kanye nokunye okungagxilile endaweni ethile kuphela okubizwa “ngokuphuma ushaywe umoya, uyopholisa ikhanda” (“getting away from it all”). Ukusetshenziswa komhlaba ezindaweni ezisemadolobheni kubandakanya ukwakhiwa kwamakhaya abantu, izinsizakalo nemisebenzi yezemfundo, izimboni, amabhizinisi kanye nemisebenzi yobungoti.