ISO 14000 — isiZulu

Amazinga okuphathwa kwemvelo amukelekile emhlabeni jikelele kanye nezindlela zokusebenza ngemvelo eziphuma phambili, ezihola futhi ziqondise konke okuphathelene nokuphathwa kwemvelo, ukuthathwa kwezinqumo kanye nemisebenzi yentuthuko eqondene nokusimama kwemvelo. Wonke amazwe asethuthukile kanye namanye amaningi asathuthuka anezinhlangano zokuqinisekisa ukuthotshelwa kwamazinga, noma-ke ezinye izinhlangano ezenza into enjengaleyo. Kepha-ke, zonke izinhlangano zikazwelonke zokuqinisekiswa kwamazinga zinomkhuba wokudlulisela amagunya azo ku-International Standards Organisation (ISO) futhi esikhathini esiningi izinhlangano zisebenzisa amazinga e-ISO. Mayelana namazinga okuphathwa kwemvelo, kulo mhlaba oxhumene kakhulu esiphila kuwona njengamanje futhi njengoba kunokusebenzisana okukhulu kwamazwe omhlaba, amazinga e-ISO asetshenziswa emhlabeni wonkana. I-South African Bureau of Standards (SABS) yisikhungo esihlonishwa kakhulu esibeke, ngokuzimela, amazinga amaningi impela kule minyaka engamashumi-shumi sisebenza, kepha uma sekuza odabeni lokuthathwa kwezinqumo mayelana namazinga emvelo, naso lesi sikhungo imbala, sisebenzisa amazinga e-ISO. Uchungechunge lwamazinga emvelo e-ISO wuhlelo lwe-ISO 14000 olusekelwe wuchungechunge oseluthanda ukuba ludadlana i-ISO 9000 lokuqinisekisa ukulandelwa kwezindlela zokusebenza eziphuma phambili. Njengoba umhlaba wonkana usebenzisa uchungechunge lokuthathwa kwezinqumo eziphathelene nemvelo i-ISO 14000 (kanye ne-ISO 14001 entsha), lokho kwenza lula ukubambisana kwamazwe omhlaba, nemisebenzi eyenziwa phakathi kwemingcele yamazwe ngamazwe futhi ikakhulukazi nemiklamo yokusebenzisana kwamazwe, egxamalazele imingcele yezifunda ezihlukahlukene. Ukuba bekungenjalo, bekungeke neze kwenzeke lokhu kusabalala nokukhula kwesibalo sezindawo zemvelo neziqiwu ezigxamalazele imingcele yamazwe amabili noma ngaphezulu eseziqala ukungenisa imali enkulu impela embonini yezokuvakasha emhlabeni wonke jikelele.