ukushiswa kwemfucuza — isiZulu

Inqubo yokushisa ngomlilo ngenhloso yokunciphisa umthamo kanye/noma ubuningi bemfucuza. Kunezinhlobo ezihlukene ezimbili zemfucuza evamise ukushiswa ngomlilo, okuyimfucuza kamasipala eqoqwa amakhaya abantu nasemabhizinisini kanye nemfucuza enobungozi (bheka i-“hazardous waste”). Khumbula ukuthi umthetho osemqoka kakhulu wokuphathwa kwemvelo uthi “there is no away”, okusho ukuthi iziphehlamandla kanye nezinsalela zezinto ezishisiwe ngeke neze kuphele, futhi ukushiswa kwemfucuza kuchaza nje kuphela ukuncishiswa komthamo wemfucuza, futhi izinsalela zalokhu, okuyisivuvu sokushisa, imimoya engcolile kanye nomlotha kuzomele nakho kulahlwe noma kususwe ngendlela efanelekile. Ukushiswa kwemfucuza yinqubo edinga ubungoti futhi emba eqolo yokuncishiswa kwemfucuza, edinga obhayela abakhethekile kanye nesikhungo esimba eqolo sokwenza lo msebenzi, nenqwaba yeziphehlamandla ukuze kufinyelelwe kwizingakushisa eliphakeme kakhulu, ama-special filters, ama-scrubbers kanye nama-resins ukuze kuvinjelwe ukukhiqizwa kwemimoya engcolile enobuthi ingakhuphuki iye emkhathini futhi kugwenywe nokungcoliseka komoya ngenxa yentuthu enoshevu, kanye nezindawo ezikhethekile okuzolahlwa kuzona izinsalelo zomlotha. Emazweni amaningi esethuthukile, isivuvu sokushisa esikhiqizwa yinqubo yokushisa imfucuza sisetshenziselwa ukwenza ugesi osetshenziswa emakhaya. Ngenxa yokungabi nabo ubungoti bokwenza lo msebenzi kanye nezindleko eziphezulu kakhulu zalokhu, emazweni asathuthuka kuyinto engavamile neze ukushiswa kwemfucuza. Ukulahlwa kwemfucuza kuwumkhakha okhethekile ongaphansi kwezokuphathwa kwemvelo, futhi akuvamile ukuthi kulawuleke ngokuphelele ngaphansi kwemithetho yezokuphathwa kwemvelo yanoma iliphi izwe. Ngisho neNingizimu Afrika imbala, nakuba inemithetho eyisibonelo esihle yezokuphathwa kwemvelo, ukulahlwa kwemfucuza enobungozi kulawulwa ngaphansi komthetho ohlukile oqondiswe ngqo kulokhu.