imfucuza enobungozi — isiZulu

Izinsalela ezingafuneki zemikhiqizo yezimboni neyezimayini, nezinsalela zokwelapha nezemikhankaso yezempi, nezemikhiqizo kaphethiloli kanye neyenuzi. Le mfucuza akufanele neze iphathwe ngendlela efanayo nemfucuza yasekhaya noma yasengadini, njengoba yona inobungozi bukashevu, futhi kungenzeka ivuthe noma iqhume okuyizinto ezingadala umonakalo noma zilimaze imvelo yendawo futhi/noma zilimaze nomphakathi wendawo noma wezwe lonkana. Imikhiqizo ejwayelekile enobungozi ibandakanya noma yini engaba nomthelela omubi kwimvelo yendawo noma izinto ezincike kwimvelo yendawo (ancillary environment) kanye nenhlalakahle yabantu abahlala lapho noma eduzane kwalapho. Imfucuza enobungozi ayilahlwa ezindaweni ezijwayelekile okulahlwa kuzona imfucuza futhi akulungile neze ukuthi ishiswe (bheka i-“incineration”). Maqondana nohlobo ngalunye lwemfucuza kunenqubo enqala okumele ilandelwe. Izinkampani ezingongoti bokulahlwa kwemfucuza yizona ezenza umsebenzi obucayi wokulahlwa kwemfucuza futhi lokhu zikwenza ngokucophelela okukhulu ukuze kungabeki engozini imvelo noma abasebenzi abenza umsebenzi wokulahla imfucuza enobungozi. Emazweni athile asethuthukile kuyaqinisekiswa ukuthotshelwa nokulandelwa kwemithethonqubo yokuphathwa kwemfucuza yasekhaya futhi umphakathi uyilahla ngokucophelela okukhulu imfucuza enobungozi (njengemithi esiphelelwe yisikhathi, imijovo, izibulali-zinambuzane kanye namaphakethe angasenalutho abequkethe ushevu wokubulala amagundwane noma izinambuzane eziwuhlupho) ngokulandela inqubo ebekiwe, ngoba bakhokhiswa izinhlawulo eziphakeme kakhulu abantu abaphula imithethonqubo ebekiwe. Emazweni asathuthuka, anjengeNingizimu Afrika, ukulahlwa kwemfucuza kwenziwa ngendlela engahlelekile neze. Nakuba kungenzeka ibe khona imithetho nemithethonqubo ebekiwe, akuvamile ukuthi iphoqelelwe. Ngenxa yalokho-ke, imfucuza yokwelapha ivamise ukutholakala ezindaweni okulahlwa kuzona imfucuza eziseduze kwezindawo eziyimijondolo nemigodikazi yokulahla udoti, futhi amanye amalungu emiphakathi ehlala emijondolo ahlala kule migodikazi yokulahla udoti, futhi kusenjalo izimayini zikhiqiza amanzi angcolile ane-asidi aqukethe amakhemikhali anoshevu kanye nezinsalela zemikhiqizo esabalalisa imisebe eyingozi ageleza ayongena emifuleni kanye nasemithonjeni yamanzi engaphansi komhlaba.