insebenziswanoxhumano yomhlaba — isiZulu

Leli temu liyazichaza ngokwalo njengoba libonisa ukusebenzisana okuthile komhlaba wonke njengendawo eyodwa. Imikhakha eyinhloko okusetshenziswana kuyona ngowezomnotho, ukuhwebelana kanye nenqubekelaphambili yezobuchwepheshe, ekhulisa futhi yenze lula ukuxhumana kwabantu emhlabeni wonke jikelele. Kusukela ngekhulunyaka le-19 ubuchwepheshe obusha bezokuthutha bebulokhu buhlanganisa umhlaba buwenza indawo eyodwa eyimbumba. Ekuqaleni, izinkampani ezinkulu zasungula ubudlelwano obuqinile bokuhwebelana namazwe ahlukahlukene, ngakho-ke zagcina sezingamabhizinisi ayizikhondlakhondla ahweba emazweni amaningi (MNCs), futhi anamagatsha emhlabeni jikelele. Amabhizinisi adumile njenge-Macdonalds atholakala emhlabeni wonkana, emadolobheni anjenge-Moscow, New York, njalo njalo. Isikhathi sokuhamba phakathi kwanoma yiziphi izindawo ezimbili emhlabeni “sesinciphe kakhulu” kangangokuthi umuntu useyakwazi ukufinyelela kunoma iyiphi indawo esikhathini esingamahora ambalwa nje. Kodwa-ke iqiniso wukuthi umhlaba wona awuzange unciphe, kodwa ubuchwepheshe bezokuthutha sebuthuthuke kakhulu, okwenza kube lula ukufinyelela endaweni ethile ngokushesha okukhulu. Esikhathini samanje, inoveli edumile ka-Jules Verne yowe-1873 esihloko sithi Around the World in 80 Days ibizoba nesihloko esithi “around the world in 8 days” noma-ke, uma kuphuthunywa ngempela, amahora angama-80 imbala! I-inthanethi idlala indima enkulu impela ekuxhumaniseni umhlaba futhi iyithuluzi elisemqoka kakhulu lokuxhumana emhlabeni wonke jikelele. Kusemqoka ukuba kuphawuleke ukuthi ngenkathi kuhlakazeka imibuso emikhulu enjenge-British empire ne-French empire kanye ne-Russian Soviet Union (USSR), kwakhula futhi kwaba ngcono ukuxhumana kwamazwe ngamazwe, kangangokuthi namuhla amazwe ayengaphansi kwaleyo mibuso asenobudlelwano bokuxhumana nokusebenzisana obukhulu kunakuqala. Ukuxhumana nokusebenzisana kwamazwe kwezamasiko nezenhlalo kwalandela ezithendeni zokuxhumana nokubambisana kwamazwe kwezomnotho futhi njengamanje lokhu kuxhumana nokusebenzisana sekuthathe indawo yezinhlangano zamazwe ahlukahlukene ayesungule umbimbi lwezepolitiki. Namuhla emhlabeni wonke jikelele (ngaphandle kwase-India nase-China) ubhogadi oluhlaza waseMelika usuyimpahla yokugqoka ethe chithi saka, futhi cishe wonke umuntu emhlabeni uyamazi u-James Bond. Insebenziswanoxhumano yomhlaba isiyindlela yokwenza izinto nokucabanga; okusho, iphethini noma imodeli “yomhlaba olinganayo” (“flat world”), osekubhalwe ngawo kakhulu ezincwadini.