ukuncipha kwamahlathi — isiZulu

Ukucekeleka phansi kwamahlathi emvelo noma amahlathi atshaliwe okulandelwa wukushabalala kwamahlathi ngenxa yezimbangela zemvelo eziningana, kodwa ikakhulukazi ngenxa yezenzo zabantu. Isimo sezulu esiguquguqukayo noma isifo esithile noma isinambuzane esiwuhlupho noma isilwane esithile kungawabhubhisa amahlathi. Emlandweni wonke wabantu, sesibone izigameko eziningi ezifana nalezi ezingenhla. Izinkathi zonyaka ezinde ezihambisana nokubanda noma ukushisa okungajwayelekile kubhubhise amahlathi ambadlwana impela e-North America nase-Europe, futhi lokhu kuyinto eqoshiwe nasemlandweni. Kule minyaka engama-30 edlule isikhunta (fungi) kanye nezimpehlwa (weevils) sekucekele phansi izingxenye ezinkulu zamahlathi anezihlahla ezinamaqabunga acijise okwenaliti, kodwa-ke manje sesinawo amakhemikhali kanye nezindlela zebhayoloji zokunqanda lokhu kucekeleka phansi nokuncipha kwamahlathi. Ama-savannah forests ase-Tsavo, kwelase-Kenya, acekeleke phansi ngenxa yezindlovu eziningi ngokweqile kuleya ndawo kuhlangene nesomiso esadonsa isikhathi eside, kodwa-ke njengamanje imvelo isiqalile ukuvuseleleka nokubuyela esimweni sayo sakudala futhi sekune-ekhosistimu entsha. Udaka olushisayo oluqubuka kwizintabamlilo kanye nemililo yequbula sekudale umonakalo omkhulu ezingxenyeni ezithile zamahlathi, kodwa-ke nakuba kunjalo lawo mahlathi nawo aseqalile ukubuyela ngesivinini esimweni sawo sakudala. Ukugawulwa kwezihlahla zohlobo lwe-hardwood emahlathini ase-Amazon, nasemahlathini ase-Congo kanye nase-South East Asia kudala umonakalo omkhulu emahlathini, futhi ongeke neze usalungiseka. Amahlathi emvelo ase-Tasmania kanye nawase-Madagascar asecekeleke phansi kakhulu ngenxa yokugawulwa kwezihlahla. E-North America kanye nase-Western Europe izingxenye ezinkulu zamahlathi kaphayini (pine) kanye nama-spur forests sekuphelile ngenxa yokungcoliseka komoya okubangelwa yizimboni kanye nezimvula ezine-asidi (bheka i-“acid rain” kanye ne-“air pollution”). Uma sibheka isimo sawo emhlabeni jikelele, amahlathi asenciphile ngenxa yezenzo zabantu kanye nemisebenzi yabo futhi lena yinkinga yemvelo ekhathaza kakhulu ngoba phela amahlathi “yizimboni zethu ezikhiqiza umoya esiwuphefumulayo, i-oksijini”.