ukushabalala kwezinto eziphilayo — isiZulu

Ukushabalala ngokuphelele kwezinto eziphilayo ku-ekhosistimu yomhlaba. Eminyakeni eyizigidi ngezigidi edlule, izimo zemvelo eziguqukayo zaholela ekushabalaleni kwezinhlobo eziningi zezinto eziphilayo emhlabeni wonke jikelele (ngaphakathi emhlabeni kanye nasolwandle), futhi lokhu kwaholela ekuvumbukeni kwezinye izinto eziphilayo, ngenkathi izinto eziphilayo ziguqula isimo sazo ukuze sihambelale nezimo zemvelo eziphila kuyo eziguqukile. Ukushabalala kwezinto eziphilayo kwenzeka uma izinto eziphilayo (izilwane noma izitshalo) zihluleka ukuguquka ngokushesha ukuze isimo sazo sihambelane nesimo semvelo esiguqukayo. Eminyakeni eyizigidi ezingama-70 eyadlula kwenzeka into enjengalena kuma-dinasaurs ngenkathi kuguquka isimo sezulu emhlabeni, okwaholela ekutheni izilwane kanye nezitshalo ezaziphila ngaleso sikhathi zihluleke ukuphila ngaphansi kwesimo sezulu esomisile futhi esishisayo. Iningi lezinsalela zezilwane ezitholakala emigedeni ye-Cradle of Humankind World Heritage Site ngeyezilwane ezashabalala eminyakeni eyizinkulungwane ngezinkulungwane noma eyizigidi ngezigidi eyadlula. Imvelo yomhlaba ilokhu iguquke njalo, futhi lokho kuyohlala njalo kuholela ekushabalaleni kwezilwane kanye nezitshalo ezithile. Ukuguquka kwesimo semvelo emhlabeni kuvamise ukwenzeka kancane kancane, futhi izinto eziphilayo eziningi ziyakwazi ukuguquka ukuze isimo sazo sihambelane nokuguquka kwesimo semvelo, kodwa-ke lokhu kwenzeka kuphela uma ukuguquka kwesimo semvelo kwenzeka kancane kancane esikhathini esiyizinkulungwane ngezinkulungwane noma izigidi ngezigidi zeminyaka. Kepha kule minyaka engamakhulu ambalwa edlule, izenzo zabantu nemisebenzi yabo sekusheshise kakhulu ukushabalala kwezinto eziphilayo. Ezinye izinto eziphilayo zizingelwe ngabantu zabulawa zaze zaphela, futhi ezinye zezibonelo zezilwane ezishabalalile kule minyaka engamakhulu ambalwa edlule yinyoni edumile i-dodo kanye nedube i-Cape quagga. Kubukeka sengathi zizogcina ngokushabalala zonke izinhlobo zobhejane kwizwekazi lase-Afrika kanye nase-Asia. Imbangela enkulu futhi enobungozi yokushabalala kwezinto eziphilayo okubangelwa yizenzo zabantu wukulahleka nokucekeleka phansi kwendawo lapho kuphila khona izilwane nezimila zemvelo (bheka i-“environmental degradation”) kanye nokuhlakazeka kwaleyo ndawo yemvelo, okubangelwa yizenzo zabantu. Ngenxa yokulahleka kwendawo okuphila kuyona izilwane nezimila zemvelo, izinkonjane eluhlaza yase-Kaapsche Hoop eNingizimu Afrika sezisondele kakhulu esimweni sokushabalala. Njengoba sekusele iqoqwana lezinkonjana ngazimbili ezizalanayo ezingaphansi kwama-30, leli qoqwana lincane kakhulu kangangokuthi kuzoba lukhuni kakhulu ukuthi ziphunyuke ekushabalaleni. Ukulahleka kwendawo okuphila kuyona izilwane nezitshalo yikona futhi osekwenze ukuthi izinhlobo ezimbili zenyoni i-crane zisondele kakhulu esimweni sokushabalala. Inyoni yesizwe yaseNingizimu Afrika indwe (blue crane), yacishe yashabalala ngaphambi kokuthi izinhlangano zemvelo ezingekho ngaphansi kukahulumeni zingenelele ngomklamo wazo obe yimpumelelo enkulu wokuvikelwa nokuzalaniswa kwalolu hlobo lwenyoni. Nakuba kunjalo, lolu hlobo lwenyoni lusesengozini yokushabalala, kodwa-ke likhona ithemba lokuthi ingahlengeka ekushabalaleni.