ukuxhashazwa kwemvelo — isiZulu

Ukusetshenziswa ngokweqile kanye nokuxhashazwa kwanoma iyiphi insiza yemvelo, kungakhathalekile ukuthi lokhu kwenzeka ngokwemvelo noma ngenxa yezenzo zabantu. Ukuklabisa imfuyo ngokweqile emadlelweni, ukulinywa kwamasimu ngokweqile kanye nokususwa kwazo zonke izimila zemvelo ezindaweni ezinamahlathi kuyokwenza ukuthi zonke lezo zindawo zigcine seziyizindawo eziqothukile, eziwugwadule, ezicekeleke phansi futhi okungasamili lutho kuzona. Ukusetshenziswa ngokweqile komthombo wamanzi ngenhloso yokunisela kanye nasezimayini noma njengomzamo wokunciphisa ukungcola emanzini angcolisekile, kungaholela ekutheni uphele nya umthombo wamanzi, noma amanzi angcoliseke kakhulu agcine eseyinto engasasebenziseki. Abasebenzi, njengabasebenzi basemafemini noma emayini, nabo bangaxhashazwa futhi nakanjani lokho kuholela ezinxushunxushwini zabasebenzi, iziteleka kanye nokulahleka komkhiqizo. Cishe zonke izinhlobo zokuxhaphaza zinenhloso eyodwa, ukwenza inzuzo esheshayo, futhi cishe zonke lezi zinhlobo zokuxhaphaza zisukela kubuthakathaka bomuntu obubodwa nje, ubugovu. Isimo esisodwa esingangeni ngaphansi kobugovu nomzamo wokuzenzela inzuzo esheshayo yilapho ububha buphoqelela abantu ukuthi baxhaphaze umhlaba wabo nezimila zemvelo kanye nemithombo yamanzi. Kodwa-ke, konke ukuxhashazwa kwemvelo kunesiphelo esifanayo, okuwukucekeleka phansi kwemvelo, umhlaba ongavundile futhi ongamilisi lutho, ukukhula kwamazinga obubha, indlala kanye nosizi.